
Iyashosholoza iPirates, iphose iGalaxy eweni
- Sibongiseni GUMBI
ITS Galaxy iphoseke eweni ishaywa yi-Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibii ebusuku.
IPirates isheshe yazibeka ethubeni elihle kulo mdlalo ishaya igoli kuqala, nelibe lihle kakhulu elishaywe uThalente Mbatha ngomzuzu ka-16.
Ngokomdlalo, amaqembu womabili abelingana, lingekho elingaphezu kwelinye futhi womabili awakhile amathuba.
Nasesiwombeni sesibili bezisahubhana ngkungasabani, kodwa kubonakala ukuthi iGalaxy isiphefumula ngenxeba.
Ibibuye itatazele uma seyibheke epalini lePirates, kuphele namaqhinga ibhola ligcine lingafikanga kuSipho Chaine, noma lifike selizibandela eseliqoqa nje.
IPirates yona besisidlala ingatatazeli, ilokhu iyincenga kancane nje, ingasagijimi uma iya phambili.
Ilithole ngomzuzu ka-76 kanti nalo libe lihle. Kube wubudedengu bukaMpho Mvelase odlelwe ibhola uRelebohile Mofokeng.
UMvelase ube esema akangamcindezela lo mfana omncane weBhakhaniya, naye wathi ngibonwa yini, wavele walishaya ngobuchule layonamathela enethini.
Kuthe isizama elokubika iGalaxy, izinto zabheda kakhulu uKamogelo Sebelebele wathola ikhadi lesibili, wabe esekhishwa ngelibomvu.
Lokhu bekulandela ukuthi ezame ukuthola iphenathi ngokudayiva esebhikisini lePirates ngemuva kokuthi ephucwe ibhola.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iPirates iyaqhubeka nokuqhwakela, kungakhathalekile ukuthi iMamelodi Sundowns idlala kanjani ngoLwesithathu.
IGalaxy yona yehlele emsileni njengoba AmaZulu FC eshaye iChippa United ngo 2-0 emdlalweni obuseThekwini.
