U-Arendse uveza okungaba yisisombululo seyonozinti
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengunozinti weBafana Bafana, u-Andre Arendse, usevezen umbono wakhe ngokuthi kungani iNingizimu Afrika ingakwazi ukukhiqiza onozinti abasezingeni eliphezulu njengoRonwen Williams.
Ubekhuluma kulandela ukuqokwa kukaWilliams emklomelweni we-Ballon d’Or Yashin Trophy njengomunye wonozinti abangu-10 abahamba phambili emhlabeni.
Umcimbi weBallon d’Or ubungoMsombuluko, e-Théâtre du Châtelet eParis kanti uWilliams ubewuhambele.
U-Emiliano Martinez wase-Argentina nguye ohambe neYachine Trophy, kwathi uWilliams, walala endaweni yesishiyagalolunye ohlwini lonozinti abahamba phambili ngo-2024.
U-Arendse ukholwa ukuthi esikhundleni sokuvala onozinti bangaphandle kwiligi yaseNingizimu Afrika, imizamo kufanele igxile ezinhlelweni zokuthuthukisa ithalente lakuleli.
Leli phini lomqeqeshi kwiSuperSport United liveze umbono yokuthi ingalungiswa kanjani le nselelo ukuya phambili.
“Ngicabanga ukuthi kunokuba sikhulume ngonozinti bangaphandle, kufanele sikhulume ngonozinti ngokombono wokumele kwenziwe ngabakuleli,” kusho u-Arendse kwabeFARPost.
“Sinenkinganyana encane ngonozinti eNingizimu Afrika njengamanje. Sidonsa kanzima ukuthola onozinti abazokhushulelwa eqenjini lesizwe.
“Kungani lokho? Ngoba ukuthuthukiswa konozinti kwehlile. Kufanele sisuke ekuthuthukiseni onozinti emakhoneni.
“Kudingeka sihlanganise bonke abanolwazi olunzulu ngokucijwa konozinti ngaphansi kophahla olulodwa.
“Lokhu kuzosisiza ukuthi siqhamuke nohlelo lokuthi sizokulungisa kanjani lokhu ezingeni likazwelonke.”
Uthe ukuba nohlelo olunzulu lokuthuthukiswa kwamakhono onozinti kungaba yiyona indlela yokunqanda le nkinga.
“Sikwenza kanjani lokho? Kufanele sithuthukise izinhlelo zokuqeqesha onozinti ezifanele nezibalulekile.
“Ukwenza kanjalo kudingeka sivumele labo baqeqeshi ukuthi baphume bayobheka onozinti abasebancane.
“Bazokwazi ukubaqeqesha, ukubathuthukisa, ukubakhulisa, nokubakha; yilokho esikudingayo.
“Kuze kube yileso sikhathi, sizohlala sizithola sisesimweni lapho singenabo onozinti abayikhwalithi efanele.”