EzintshaOrlando Pirates

Isimemezelo sePirates ngoJosé Riveiro: Ubuhle nobubi

Isinqumo se-Orlando Pirates sokumemezela ukuthi umqeqeshi uJosé Riveiro uzohamba ekupheleni kwesizini sifana nenkemba ebukhali nhlangothi zombili.

Kunobuhle bakho, kodwa futhi kunobungozi obukhulu. Lesi simemezelo senziwe ngoLwesine ntambama njengoba iqembu belifika kuleli libuya e-Algeria. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iPirates inqobe ngo 1-0 ekuhambeni idlala ne-MC Alger kuma-quarterfinal eCaf Champions League.

Ngesikhathi abalandeli besahambela phezulu, bejatshliswe yilo mphumela omkhulu, babe sebengxifizwa ngalezi zindaba ezishaqisayo. 

UJosé Riveiro, umqeqeshi osezakhele ubudlelwano obuqinile nabadlali bakhe nabalandeli kwi-Orlando Pirates, uzohamba uma kuphela isizini.

UJosé Riveiro usephenduke ‘isithixo’ kubalandeli be-Orlando Pirates. 

Ubuholi bakhe nendlela enza ngayo izinto kwakhe ukuxhumana okujulile neqembu lakhe.

Kwidokhumentari yakamuva yekilabhu, umgadli uBoitumelo Radiopane uchiphize izinyembezi ngesikhathi ekhuluma ngendlela akhule ngayo engenababa.

Uthe uyaqala ukuzwa uthando lukababa ngoRiveiro asebemthatha njengobaba eqenjini. 

Lo mqeqeshi waseSpain naye uveze ukuthi ukhule ngendlela efanayo, engenaye uyise okumsizile ukuthi azwelane kalula nabadlali.

Njengoba ukuhamba kwakhe sekuqinisekisiwe, abadlali manje bayazi ukuthi ‘ubaba wabo’ uyabashiya. Lokhu kuza ngesikhathi esibalulekile lapho iPirates isesemjahweni wezindebe ezintathu ezinkulu – iBetway Premiership, iNedbank Cup, neCaf Champions League.

Lesi simemezelo singasebenza ukugqugquzela abadlali. Ngokwazi ukuthi uJosé Riveiro uyahamba, abadlali bangase babumbane ukuze bamvalelise ngempumelelo enkulu iqembu eselake layibona.

Ukunqoba yomithathu le miqhudelwano esele kuzomenza umqeqeshi ophumelele kunabo bonke emlandweni wePirates. 

Uma abadlali nabasebenzi bebumbene ngemuva kwalo mgomo, iPirates ingasebenzisa lokhu ukuthola umdlandla wokuzuza okukhulu ezinyangeni zokugcina zesizini.

Nokho, lokhu kuncike ekutheni izindaba zithulwe kanjani eqenjini. Uma uRiveiro ehamba ngobuhle, ugqozi luzohlala luphezulu.

Kodwa uma, njengoba amahemuhemu ephakamisa, ukuhamba kwakhe kungenxa yokuthi ubengasahlalisekile ngenxa yokugxambukela kwabathile emsebenzini wakhe, kungaba nomphumela omubi kakhulu. 

Ukungaqini kahle kwangaphakathi kungase kuphazamise umfutho weqembu esigabeni esibucayi.

Uma abadlali bezizwa bedayisekile ngalesi sinqumo, kungaba nomthelela omubi ekusebenzeni kwabo, okungase kube nomthelela omubi kulo mjaho wezindebe ezisele.

I-Orlando Pirates ithathe isinqumo esiqinile ngokumemezela ukuphuma kukaJosé Riveiro ngaphambi kokuphela kwesizini. 

Ukuthi lokhu kuzofaka umdlandla eqenjini, linyuse amagiya noma kuzolithena amandla kuzoncika ekutheni abadlali nabasebenzi bakuthathe kanjani.

Okwamanje, njengoba uRibveiro eshilo, kufanele kugxilwe ekuzameni ukuqedela isizini ngegiya eliphezulu. 

Uma iPirates ikwazi ukusebenzisa imizwa yayo ngendlela efanele, ingaguqula lokhu kube yisizini engasoze yalibaleka emlandweni weqembu.