
Isikhulu seChiefs siphawula ngabaqokwe kweleBafana
Umqondisi weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jnr usephawulile ngemuva kokuthi abadlali abane baMakhosi bebizwe eqenjini lokuhlunga leBafana Bafana.
Laba badlali baqokelwe esikwatini umqeqeshi uHugo Broos azobe esekhetha kubo azoya nabo kwi-Africa Cup of Nations eMorocco ngenyanga ezayo.
UBrandon Petersen, uThabiso Monyane, uBradley Cross noMduduzi Shabalala yibo abaqokiwe kwiKaizer Chiefs ukungena kulaba badlali abangu-54.
Sincane kakhulu lesi sibalo sabadlali baMakhosi uma kuqhathaniswa nabangu-12 be-Orlando Pirates nabangu-10 beMamelodi Sundowns.
UMotaung unxuse ukuthi kungasheshe kuphakanyiswe imimoya ngoba lesi kuseyisikwati sokuqala, akusona esabadlali abaya eMorocco.
“Sifuna abadlali bagxile ekusebenzeni kwabo kwiligi, ngoba izinga lokudlala ekilabhini liba nomthelela ekutheni unyukele ezingeni leqembu lesizwe.
“Kufanele basebenze, kufanele bafake amakhanda abo phansi futhi bazinikele ngakho konke eqenjini,” kusho lesi sikhulu.
UMotaung ukwamukele lokhu, ethi kuwukuhlonipheka ukuthi kube nabadlali ababonakalayo ukuthi benza kahle eqenjini labou.
Kodwa ube esexwayisa: “Siyezwa ukuthi kunabadlali abane abakhethiwe, kuzwakala kumnandi lokho kodwa kuseyiqembu lokuqala.
“Umqeqeshi unohlelo lwakhe lwalo mqhudelwano,” kusho le nsizwa, igcizelela ukuthi izindawo eqenjini lokugcina zizotholakala ngokudlala emakilabhini.
Noko uMotaung uzwakalise ithemba, wathi: “Sithemba ukuthi sizokwazi ukuba nabadlali abaningi ngangokunokwenzeka kuleso sigaba, bamele izwe kwi-Afcon.”
Uphethe ngokuncoma uBroos oke wagxekwa kakhulu, ikakhulukazi ngabalandeli beKaizer Chiefs, bemsola ngokungalithandi iqembu labo.
“Umsebenzi owenziwe nguHugo Broos ube muhle kakhulu futhi kuhle ukuwubona,” kusho uMotaung Jnr evuma inqubekelaphambili yeBafana.
FUNDA NALA | UMakaab uchitha eyokuphelelwa yindawo kukaRadiopane kwiBucs
Iqembu elizoya kwi-Afcon kulindeleke limenyezelwe ngasekuqaleni kukaDisemba njengoba kuzobe sekuzoqala amalungiselelo alo mqhudelwano.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
