EzintshaOrlando Pirates

Isasasa uNkota ejima nengwazi, akumthusi obemcija kwiBucs

Lo mdlali osemncane okhuliswe yi-Orlando Pirates uthwetshulwe ezilolonga nengzwazi yaseNetherlands futhi eyazakhela igama kwiLiverpool uGeorginio Wijnaldum.

UWijnaldum manje usengukaputeni we-Al-Ettifaq eSaudi Arabia lapho uMohau Nkota ethuthele ngempelasonto.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala wethulwe ngokusemthethweni yileli qembu ngeSonto kulandela ukumthengwa kwalo kwiPirates.

Ukuzinza ekhaya lakhe elisha sekuqalile futhi sekumenze wathrenda ezinkundleni zokuxhmana njengoba ebonakale ejima noWijnaldum.

Kuvela ukuthi le ngwazi isimthathe yamfaka ngaphansi kwamaphiko ayo lo mdlali osemncane ngenhlozo yokuqinisekisa ukuthi ukhula ngendlela efanele eqenjini. 

Nomqeqeshi wakhe wakudala kwiPirates, uMandla Qhogi useveze injabulo anayo, nokuthi unesiqiniseko sokuthi uzophumelela uNkota eSaudi Arabia.

“Ngijabule kakhulu ngoMohau,” uQhogi usho kanje kwiSowetan eseSwatini lapho eseqeqesha khona iNsingizini Hotspurs. 

“Leli yithuba elikhulu. Ngikholwa ngokuphelele ukuthi uzophumelela eSaudi — bese ethuthela e-Europe. Muhle ngaleyo ndlela.”

UMohau Nkota usejoyine la ezoqhudelana khona nezingwazi ezinegama emhlabeni jikelele njengoCristiano Ronaldo, uN’Golo Kanté, uSadio Mané, uRiyad Mahrez, noKarim Benzema.

Lezi zihlabani zizomenza akulambele kakhulu naye ukuzakhela igama ebholeni lomhlaba ukuze agcine aziwa njengazo. 

UQhogi uveze nokuthi wamvundulula kanjani eKimberley ngo-2020 ngesikhathi sezigcawu zokuqeqesha zeShield x Pirates

Wayesemncane kakhulu ukuthi angajoyina iBucs ngaleso sikhathi, uNkota wabe esefakwa eqenjini le-SAB League leSol Plaatje University.

Ube esejoyina iPirates ngokusemthethweni eseneminyaka engu-17 eminyakeni emibili edlule.

“Wayengazi muntu eGoli ngesikhathi efika. Sambhalisa esikoleni iBophelo esiseMayfair,” kwengeza uQhogi. 

“Ukhule ngokushesha — ezinyangeni eziyisithupha nje edlala kwi-Under 17 ube esedlulela eqenjini elikhulu,” kukhumbula uQhogi. 

“Ungumdlali olambele impumelelo, uthobekile futhi uyalithanda kakhulu ibhola.”

UMohau Nkota ushaye amagoli angu-12 emidlalweni engu-39 ngesizini yakhe yokuqala kwiPirates. 

Manje, njengoba esenoWijnaldum eduze kwakhe futhi ebheke ukudlulela e-Europe — isahluko esisha siyaqala futhi sisaya kude.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO