Betway PremEzintsha

UMngqithi uthele inhlabathi ephalishini kwazibona kweseligi

Njengoba sekusele imidlalo engu-15 kuphele isizini, amaqembu amane abukeka esemjahweni oshubile wokudla lesi sicoco.

I-Orlando Pirates, iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs naMaZulu ngamaqembu abukeka ekulo mjaho wesicoco kodwa hhayi emehlweni kaManqoba Mngqithi. 

Abaningi balindele ukuthi lo mjaho wesicoco seligi uze uphele ngosuku lokugcina kule sizini.

Kodwa uMngqithi yena ubona kuneqembu elilodwa elizogabavula bese lizidlela kalula lesi sicoco, lishiye amanye encela izithupha.

Uthe amaqembu amaningi njengamanje adlala into engabonakali, kodwa bese eba nenhlanhla yokuthola imiphumela ewavunayo. 

Yena uthi ulindele ukuthi lowo mkhuba ushintshe njengoba isizini iqhubeka, futhi ‘inhlanhla’ izophela.

Ngokusho kwalo mqeqeshi onamava, ukulahleka komgqogqo yikho okuzocacisa ngomjaho emzuliswaneni wesibili,.

Ubona kuzoba nemiphumela emangazayo okuyiyo ezobe seyicacisa kabusha isiphetho nokuthi isicoco siya ngaphi.

“Angicabangi ukuthi le ligi izocaca ngosuku lokugcina,” kusho uMngqithi. 

“Maningi amaqembu abadlala ibhola elingathi shu kodwa bese eba nenhlanhla yomphumela.”

Yize engazange abalule gama laqembu, kodwa lokhu kusobala ukuthi bekubhekiswe kwiChiefs enyukele phezulu ngokunqoba ngoqhwasha baka 1-o.

UMngqithi uphinde wangabaza izinga elibatshazwa kulesi sigaba kule sizini, egcizelela ukuthi izinga alikho phezulu ngendlela abaningi ababona ngayo.

“Eqinisweni angicabangi ukuthi le ligi inzima njengoba abantu becabanga,” kwengeza lo makadebona. 

“Ibhola kule sizini alikho ezingeni abalandeli abacabanga ukuthi likulo— okufaka neqembu lami lapho. Kuningi okusamele sizithuthukise kukho.”

Lena ke yona kukholakala ukuthi ibhekiswe kwiPirates enconywa ngokuba elidlala ibhola elijabulisa kakhulu kwiligi kule sizini.

Lo mqeqeshi we-Arrows ubikezela umzuliswano wesibili oshubile, okungenzeka kube nemiphumela ebingalindelekile  ezophazamisa amaqembu aphambili.

“Ngisabona imiphumela okungekho muntu oyilindele,” kuqhuba yena. “Lokho kuzoshintsha isimo emaqenjini azihola phambili.”

UManqoba Mngqithi ukholwa wukuthi uma sekubhekwe entanjeni, lizobe selilodwa iqembu elizobe ligabavula phambili.

“Ngesikhathi esithile, lapho izinto zizinza, ngibona igebe lamaphuzu ayisithupha kuya kwayisishiyagalolunye,” kusho yena.

Ingabe lelo kungaba yiqembu lakhe langaphambili iSundowns elizogabavula lishiye amanye ebuka izithende zalo? 

UMngqithi akazange anikeze imininingwane ecacile, kodwa isikhathi sona sizoqinisekisa ukuthi uqinisile noma ushaye phansi kwashunqa uthuli.