EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha: UNtwari uvikise abaqeqeshi beChiefs ihlazo elibi

Lo nozinti weKaizer Chiefs usolwe ngokugoloza ukuphuma ngesikhathi bebhekene neStellenbosch FC ngempelasonto edlule.

Bese kuzoyiwa kumaphenathi kulo mdlalo ngesikhathi abaqeqeshi beChiefs bezama ukumshintsha kodwa wagoloza ukuphuma.

UVilakazi uthi lonozinti ubazi ukuthi umthetho awusabavumeli ukuthi bashintshe, nokuyingakho nabanye abadlali begijime bayokhuza. 

Ukaputeni, uZitha Kwinika ubonakale egijima eyoxazulula, ngokunjalo noSibongiseni Mthethwa ngesikhathi abaqeqeshi bezama ukwenza lolu guquko.

Nokho kubukeka sengathi abaqeqeshi babe sebebalekela elabo ihlazo ngokusulela uNtwari ngecala, bethi ugolozile ukuphuma, wathi usakulungele ukuqhubeka ayovimba amaphenathi.

“Bebecabanga ukuthi bazokwenza izinguquko ezimbili, ngokuthi bebesasalelwe wushintsho olulodwa abavumeleke ukulenza esikhathini esengeziwe. 

“Bebezitshela ukuthi leli thuba lokwenza uguquko ebelisele ngesikhathi kuyiwa esikhathini esengeziwe liyabavulela ukuthi bashintshe kabili esikhathi esengeziwe.

“Kodwa balibale wukuthi umthetho uthi leli thuba lokwenza izinguquko kahlanu liphela uma kuphela umdlalo, alidluleli esikhathi esengeziwe.

“UNtwari akanqabanga ukuphuma. Ithimba labaqeqeshi alibalanga kahle – noma ngithi abawuqondi kahle umthetho.

“Yingakho bebefuna ukwenza uguquko lokufaka u-Aiden (McCarthy) noBruce (Bvuma) esikhathini esengeziwe,” kuqhuba le nkakha. 

“Bakhohlwe wukuthi esikhathini esengeziwe uvumeleke ukushintsha oyedwa… Ngakho uNtwari ubengekho ephutheni.

“Abantu abebesephutheni yithimba labaqeqeshi – yibo abebengafanelwe ukwenza izinguquko ezimbili.

“Uma ngesikhathi somdlalo wenze ezintathu, ithuba lokwenza ezinye ezimbili ezisalile likulahlekele. 

“Esikhathini esengeziwe uvumeleke ithuba elilodwa lokwenza ushintsho,” kuphetha le nkakha eneminyaka engu-43 ubudala.