
Ingwazi iveza ukuthi uBobby wayixhopha kanjani i-Pirates eyisayina
Owayengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uGordon Gilbert, usevule isifuba ngendlela okwenzeka ngayo ukuthi aphelele eNaturana ngo-2008.
Uveze ukuthi Amakhosi anyakaza kanjani ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi imsayina kuqala njengoba ayemataniswa nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates.
UGilbert, wayekade ehehe amehlo azo zombili izinkunzi zaseSoweto ngesikhathi edlalela iMpumalanga Black Aces.
Uthe ukuphelela kwiKaizer Chiefs yinto eyamjabulisa futhi namanje asaziqhenya kakhulu ngayo.
Uveze ubuhlakani obenziwa yisikhulu saMakhosi uBobby Motaung ekuqinisekiseni ukuthi ugcina esayine eNaturaena.
“Kwakungesinye sezikhathi engiziqhenya kakhulu ngazo empilweni yami,” uGilbert usho kanje kwiKickOff.com.
“Ngisakhumbula ngithola ucingo oluvela kuBobby Motaung, futhi ngangicabanga ukuthi kukhona ozidlalela ngami.
“Imenenja yami yayifuna ngisayine kwi-Orlando Pirates ngaleso sikhathi, futhi kwakunemibiko yamaphephandaba eyayithi sengisayine kuyo — kodwa mina ngangingazi lutho ngalokho.”
UMotaung wanyakaza ngokushesha, wathumela umshayeli ukuthi ayolanda lo mdlali wasemuva lapho ayehlala khona, amlethe eNaturena ukuze baxoxe naye ngqo.
“Saxoxa ngenkontileka, saxoxisana ngokushesha, futhi kanjalo nje, isivumelwano senzeka,” kusho uGilbert.
“Kwakulula kakhulu. Ubani owayengathi akafuni ukudlalela iKaizer Chiefs?
“Phela lapha sikhuluma ngekilabhu enkulu kunawo wonke e-Afrika,” kuqhuba yena.
Uncome ubulungiswa obenzeka ngesikhathi sezingxoxo okwaqinisekisa ukuthi uyakuthola konke akucela.
“Banginakekela kahle kakhulu ngempela. Ngasayina isivumelwano seminyaka emithathu, futhi yonke into yasingathwa ngenhlonipho nangobungcweti.”
Ukusayinwa kukaGilbert kuveza ubukhali beChiefs ekusayineni abadlali ngaleso sikhathi, njengoba yayihlula izimbangi ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
Nokho muva nje leli qembu selivamise ukuzithola lihlulwa uma libanga umdlali namanye amaqembu amakhulu – ikakhulukazi i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
