EzintshaMamelodi Sundowns

IDowns izoliqaphela ‘ikhasi likabhanana’ eliyiRockets 

ISundowns izimisele ukusheshe iqede ngokuvikela isicoco seBetway Premiership. Ihlose ukwenyusa igebe eshiya ngalo izimbangi.

Isivele ihola i-Orlando Pirates ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo yangempelasonto edlule. 

Kodwa iGalaxy ingaba yikhasi likabhanana, iyithikameze iSundowns kulo mkhankaso wayo.

Leli qembu laseMpumalanga livele linokuyihlupha iSundowns. Njengamanje lisefomini enhle njengoba lingahluliwe emidlalweni eyishumi. 

Nokho, iSundowns isalokhu ibusa. Ifinyelele ekupheleni komzuliswano wokuqala weligi namaphuzu angu-42. Inqobe imidlalo engu-14 kwengu-15.

Umqeqeshi uMiguel Cardoso uyazi ukuthi kubalulekile ukuqhubeka nokuzinikela. 

Ukhulume ngakho ngemuva kokunqoba kwabo okukhulu la behlule khona iPirates ngo 4-1 ngempelasonto.

“Esigxile kukho manje uLwesibili. Ukushaya iPirates kwengeze umthwalo,” kusho lo mqeqeshi odabuka ePortugal. 

“Siqoqe amaphuzu angu-42 engxenyeni yokuqala yesizini, kodwa umzuliswano wesibili yiwo osuphambi kwethu.”

Naphezu kwefomu enhle, uCardoso uhlala eqaphile. “Umjaho wesicoco awukapheli. 

“Umdlalo ngamunye usisondeza eduze, kodwa kusekude phambili. Kufanele sihloniphe esinakho. 

“Indlela engcono kakhulu ukuzinikela ngakho konke, futhi lokho kuqala ngoLwesibili.”

ISundowns izobe ibheke ukugcina umfutho wayo. IGalaxy izozama ukuyimisa. Qhude manikiniki!