EzintshaMamelodi Sundowns

IDowns ‘ixoxisana’ nelase-Egypt ngokudayiselana isihlabani

Ngokusho kowayengumdlali wase-Egypt kodwa manje osengene emkhakheni wezindaba u-Ahmed Shobeir, iPyramids ifuna ukudayiselwa uLucas Ribeiro.

Embhalweni ewuphanyeke kwi-X, le ngwazi yase-Egypt ishaqise abaningi ngalezi zindaba ezinkulu kangaka.

“I-Pyramids isezingxoxweni ezithuthukile neqembu laseNingizimu Afrika iMamelodi Sundowns,” kubhlala uShobeir ngoLwesibili ntambama.

“Ifuna ukudayiselwa  umdlali wasesiswini odabuka eBrazil uLucas Ribeiro Costa.” 

“Ngokusobala, uma iPyramids ingakwazi ukuthola lo mdlali, kuzoba yisivumelwano esikhulu kakhulu futhi esizoqinisa kakhulu iqembu lePyramids.

“Lokhu, ikakhulukazi njengoba isafuna nokusayina umdalli wasophikweni osemncane ozovala isikhala sika-Ibrahim Adel.”

Lo mgadli waseBrazil uLucas Ribeiro ube nesizini enhle neSundowns, eyisiza ukuthi iwine iBetway Premiership isizini yesishiyagalombili kulandelana.

Uphinde washaya igoli bebhekene nePyramids emdlalweni wamanqamu weCaf Champions League.

Nokho kugcine kube yilezi ziqhwaga zase-Egypt eziphakamise indebe, zishaya aMasandawana ngo 3-2 sekuhlanganiswe imiphumela.

Lo mgadli oneminyaka engu-26 ubudala usanda kuklonyeliswa ngendondo yeGoal of the Tournament ngemuva kokuphothulwa kweFifa Club World Cup e-US. 

ULucas Ribeiro uphinde waqokwa emiklomelweni emibili emikhulu yePremier Soccer League kule sizini.

Uqokwe kwiPSL Footballer of the Season Award neBetway Premiership Players’ Player of the Season Award. 

Uphinde waqeda isizini engumshayimagoli ohamba phambili kwiBetway Premiership, enamagoli angu-16.

Ukwenza kahle kwakhe kwiClub World Cup kubikwa ukuthi kuhehe ikilabhu yaseFrance nakwezinye izingxenye ze-Europe nangakubo eBrazil. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO