
IChiefs ayiqedile ukusayina, izokwethula abanye maduze
IKaizer Chiefs imemezele ukuthi kuzokwethulwa abanye abadlali abasha abasayinisiwe kanti lokhu kulindeleke ngaphambi kokuthi ilibangise eNetherlands ngoLwesine.
NgoLwesibili, Amakhosi amemezele ukusayiniswa kwabadlali abathathu ukuqinisa isikwati sayo.
Kube ngumdlali wasemuva kwesokunxele uNkanyiso Shinga, umdlali wasesiswini u-Ethan Chislett, nomgadli uFlavio Silva.
Kodwa abadlali ababili abasuka kwi-Orlando Pirates, uPaseko Mako noThabiso Monyane, bona abakethulwa yiKaizer Chiefs.
“IKaizer Chiefs izoqala inyanga kaJulayi ngokwethula abadlali abathathu abasha,” kusho le kilabhu esitatimendeni.
“Kulindeleke ukuthi kusayinwe abanye abadlali kuleli windi elikhona ukuze kuqiniswe iqembu lesizini ezayo.
“Ithimba labaqeqeshi nabaphathi bakubone kufanelekile ukuqinisa iqembu ezindaweni ezahlukene…
“Kusukela ekuhlaseleni kuya ekuvaleni emuva, ukuqinisekisa ukuthi iqembu selikulungele ukubhekana nesizini ye-PSL eyinselelo enkulu nokudlala kwiCaf Confederation Cup.
“Phambili, Amakhosi athole umgadli wasePortugal uFlavio Silva obedlala kwiPersebaya Surabaya e-Indonesia.
“USilva ushaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-33 ngesizini edlule.
“Ngaphambi kwalokho, ube namagoli amangalisayo angu-30 emidlalweni engu-45 kwiPersik Kediri.
“Lo mdlali owazalelwa eGuinea Bissau uzogqoka ijezi unombolo 77.”
Lo mgadli usayinwa nje iChiefs idedele uRanga Chivaviro ohluleke wancama ukuba umthombo wamagoli kuleli qembu.
“Phakathi nenkundla, Amakhosi asayine u-Ethan Chislett oneminyaka engu-26 ubudala.
“Lo mdlali wasesiswini ohlaselayo waziwa ngekhono lokwakha amathuba amagoli.
“UChisslett, owazalelwa eThekwini, ujoyina ikilabhu ngemuva kokuchitha isikhathi esiningi edlala e-England, wake wadlala naseSpain.”
Emuva, iKaizer Chiefs isayine uNkanyiso Shinga obekwiFC Alverce ePortugal.
Lo mdlali wasemuva kwesokunxele onethalente, naye odabuka eThekwini, kanti ukwazi ukudlala emuva, esiswini kanti nasekuhlaseleni muhle.
UShinga, oneminyaka engu-25 ubudala, ubuyela eNingizimu Afrika ngemva kweminyaka eyisikhombisa esePortugal ukuze abonakale okokuqala kuPSL.
Yena uzogqoka unombolo 74 eqenjini lakhe elisha.
“Laba badlali abathathu bokuqala abasayinisiwe nabaye abazolandela babonisa ukuzibophezela kwekilabhu ekuqiniseni isikwati.
“Laba badlali abathathu bazohamba neqembu baye eNetherlands ekhempini yokuzilolongela isizini entsha,” kwengeza isitatimende seqembu.
