
I-Sars imzingela iphethe usawoti oweChiefs oyikweletayo
Omunye wezihlabani ezithandwa ngabalandeli kwiKaizer Chiefs usenkingeni njengoba ekweleta inhlangano eqoqa intela kuleli, iSouth African Revenue Services (Sars) imali ebalelwa ku-R6 million.
Sekuvele umbiko othi uGaston Sirino, odlala esiswini kwiKaizer Chiefs sekuneminyaka edoja ukukhokha intela eqondene naye ngqo.
Ngokombiko weSunday World, i-Sars ifake isimangalo ngoSirino eNkantolo eNkulu yaseGoli ifuna ukuba aphoqwe ukukhokha le mali ayikweletayo.
Kuthiwa lo mdlali ofike kuleli ezodlala kwiMamelodi Sundowns ubekweleta u-R5.9 million, kodwa njengoba sekwengezwe nezindleko, isingaphezu kuka-R6 million.
Kuthiwa iSars iluse enkantolo lolu daba lwakhe kulandela ukuthi ezibe incwadi ebimcela ukuthi akhokhe ayithole ngoMashi nonyaka.
“Ngokwamarekhodi eSouth African Revenue Services, wehlulekile ukukhokha isikweletu sakho sentela sesikhathi sonyaka noma iminyaka…
“Uyacelwa ukuthi ukhokhe kungakapheli izinsuku ezilishumi uthole le ncwadi,” kucashunwe incwadi yeSars isho kanje.
Le ncwadi yaxwayisa lo mdlali weKaizer Chiefs ukuthi axhumane ne-Sars szingakapheli izinsuku ezilishumi ukuze ahlele ukuyikhokha kancane kancane le mali uma ehluleka ukuyikhokhe yonke.
ISars yamxwayisa uSirino ukuthi uma engasisukumeli lesi sikweletu, izoya enkantolo ifune imvume yokudla impahla yakhe ukuze idayiswe bese kukhaveka lesi sikweletu.
Le nhlangano eqoqa intela imxayisile lo mdlali ojoyine iKaizer Chiefs ngoJuni nyakenye ngezinye izindlela anagazilandela ukunciphisa lesi sikweletu.
Nokho kubukeka ekuzibile konke lokho osekwenze iSars ivele iye enkantolo ukuze ithole imvume yokudla impahla yakhe ngenhloso yokuyidayisa.
USirino kukholakala ukuthi ungomunye wabadlali abahola kahle kakhulu ebholeni lakuleli.
