EzintshaOrlando Pirates

I-Al Ahly isihlonze oweBucs ukuvala esikaMarcel Koller

I-Al Ahly ihlukane noMarcel Koller ngemuva kokuphuma kwiCaf Champions League ngempelasonto edlule.

Ikhishwe ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 isekhaya neMamelodi Sundowns. 

ISundowns idlulele phambili kowamanqamu ngomthetho wamagoli asekuhambeni. 

UMarcel Koller uzithole esevika amabhodlela amanzi ngesikhathi ephuma enkundleni iCairo International Stadium ngoLwesihlanu ebusuku. 

Bese kucacile ke ukuthi isikhathi sakhe naleli qembu sesiphelile kwazise bekuvelile nangaphambi komdlalo uukuthi ikusasa lakhe lincike kuwo.

Okuxakayo ke wukuthi uxoshwa nje ubesevele enqobe izindebe ezimbili zeChampions League ngesikhathi engumqeqeshi kulezi zinkunzi.

Kodwa ukwehluleka ebhekene neSundowns, esiyizimbangi ezinkulu ze-Al Ahly, kubonakale kuyinto enkulu, wabe esekhonjwa emnyango. 

Futhi manje lezi zinkunzi zaseNyakatho Afrika kuvela ukuthi sezibekele uJose Riveiro okuconsisa amathe etafuleni ngoba zizama ukumhehela eCairo.

Ngokombiko weKickOff, umthombo osondelene ne-Al Ahly uveze ukuthi ikilabhu isivele ithumele othile ukuba zoxoxisana noRiveiro.

Ifuna kube nguye othatha izintambo zokucija leli qembu ngaphambi kwesizini ezayo.

Inkontileka kaRiveiro ne-Orlando Pirates iyaphela ngoJuni kanti sekuqinisekisiwe ukuthi ngeke aqhubeke nalo msebenzi wakhe.

“I-Al Ahly ibeke okuconsisa amathe phambi kukaJose Riveiro,” umthombo ucashunwe usho kanje. 

“Lo mqeqeshi angase alingeke ukuthi athuthele e-Egypt ngesizini ezayo. Makhulu amathuba alokho.” 

Lo mqeqeshi ozohlanganisa iminyaka engu-50 ngoSepthemba usenqobe izindebe ezinhlanu nePirates kuze kube manje.

Njengamanje usekhona emjahweni wezicoco ezimbili, eseBetway Premiership neseNedbank Cup ngemuva kokuphoxeka kwiChampions League.

IPirates nayo ikhishwe kowandulela owamanqamu yiPyramids FC eyishaye ngo 3-2 ngoLwesihlanu ebusuku.