
EZISHAQISAYO! Usolwa ‘ngokweba’ oweSundowns
IMamelodi Sundowns ibhekene nehlazo elibi langaphakathi njengoba ibheke emdlalweni ozocacisa ikusasa layo kwiCaf Champions League.
Ilungu lethimba labaqeqeshi eselinesikhathi eside likuleli qembu – lineminyaka engaphezu kweshumi — limisiwe.
Izinsolo? Kuvela ukuthi lisolwa ngokuba yimpimpi ekhiphela izimbangi ulwazi olubucayi lwezinhlelo zeqembu, ngokusho kombiko we-iDiski Times.
Lo mbiko uthi uphenyo lugxile ekuputshuzweni kolwazi lwezokuqeqesha, amacebo okudlala, namarekhodi olwazi ngabadlali.
ISITHUNZIA SIKARULANI
Leli hlazo livele ngesikhathi esibi njengoba iSundowns izobhekana neqembu lalowo obengumqeqeshi walo uRulani Mokwena ngoMgqibelo.
Njengoba uGroup C weChampions League usavulekile nje, uMokwena uveze uyazi kahle iMamelodi Sundowns.
Izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi usethole “usizo lwangaphakathi” kozakwabo bangaphambilini ziguqule umdlalo wezinga eliphezulu waba yimpi.
IZINSOLO ZIKACARDOSO
Ekhuluma eseLubumbashi kulandela ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neSt Eloi Lupopo, uMiguel Cardoso obebonakala ekhathazekile nguye oqale ukukhala ngobulungiswa.
“Ngithemba ukuthi imbangi yethu elandelayo ngeke iqagele, noma ibe nolwazi lokuthi sizodlala kanjani,” kusho uCardoso.
“Ngethemba ukuthi konke kuzoba nobulungiswa ukuze sibe nomdlalo olungile ngasohlangothini lwethu.”
Amazwi kaCardoso aphakamisa ukuthi ithimba labaqeqeshi linomuzwa wokuthi kukhona ulwazi oluputshukile.
Ebholeni lezinyawo lesimanje, ukuthola ulwazi lweqembu — lapho kunamarekhodi okulimala kwabadlali, uhlaka lokudlala — kuyafana nokuthola ukhiye wesisefo semali.
KOSINDA OGQIHILE
Lezi zinsolo sezenze lanyuka kakhulu izinga lalo mdlalo wangoMgqibelo – ngo-3 ntambama – eLoftus Stadium:
- Sundowns v MC Alger: Ozonqoba kulo mdlalo uzodlulela esigabeno somkhumulajezi. Uma uphela zibambene, kuzodlula iMC Alger.
- Umthelela wempimpi: Ingabe uMokwena usenolwazi olusha ngeSundowns?
- Ukuntshontshwa kolwazi: Ingabe kwenzeke ngampela noma amacebo nje okucasula uMokwena ngaphambi komdlalo?
FUNDA NALA | Akucaci okuxoshelwe uBadela kwiDurban City
Uma iMamelodi Sundowns iphuma kwiChampions League ezandleni zomqeqeshi wayo wangaphambilini, lezi zinsolo zizoba ngundabuzekwayo.
Ukuthi ziyiqiniso noma cha ngeke kusasho lutho, seziyoba yihhawu uCardoso azovika ngalo.
