
Ezintsha ngecala likaRulani Mokwena lokushushumbisa imali
Sekuvele ukuthi limlahlile futhi lagweba uRulani Mokwena icala lokushushumbisa imali abesolwa ngalo e-Algeria.
Lo mqeqeshi ubanjwe nemali engu-14 200 Euros ezama ukuphuma nayo kuleli lizwe njengoba ebelibangise eLibya.
Nokho kuthe uma efika esikhumulweni sezindiza futhi sekuphenywa izimpahla zakhe, kwatholakala le mali.
Kuthiwa ibithukuswe ezincwadini nasezicathulweni zakhe ngesikhathi ivundululwa amaphoyisa.
Ube esegcinwa khona esikhumulweni sezindiza, kodwa akazange aye ezitokisini njengoba elale ehhotela.
NgoMsombuluko ube esetholwa enecala, wase esehlawuliswa imali elinganiselwa ku-6 000 Dinar okuyimali yase-Algeria.
Ngokwemali yakuleli, le mali ilinganiselwa ku-R759, kanti ngokushokwentatheli yase-Algeria ebikhuluma nabeRadio 2000 lolu kube wuswazi luncane.
Ithe ngokuvamile umuntu uyaye ahlawuliswe imali ephindwe kabili noma kathathu kuleyo abanjwa nayo.
FUNDA NALA | UDa Gama uveza isifiso sakhe ngeChiefs
URulani Mokwena ubebanjwe no-14 200 Euros – okuyimali ebalelwa ku-R270 000 ngokwemali yakuleli.
