Ezintsha

BUKA: U-Olwethu Makhanya egolozela uLionel Messi 

Umdlali wasemuva wePhiladelphia Union u-Olwethu Makhanya usethole ukunconywa ngendlela akhombise ukungesabi ngayo ebhekene noLionel Messi emdlalweni weMajor League Soccer.

Ividiyo eveza u-Olwethu Makhanya edazisa lesi sihlabani esidume umhlaba wonke esinguLionel Messi inkani isigcwele ezinkundleni zokuxhumana. 

Lo mdlali wasemuva waseNingizimu Afrika oneminyaka engu-20 ubudala ugolozile ukuvumela uMessi amgudluze.

Uzi[hindiselile kwaze kwagcina ngokuthi amqumbe phansi uMessi, obe esebekelwa i-free kick kodwa nalapho waqhubeka nenkani uMakhanya. 

U-Olwethu Makhanya ukhombise ukungasinameli lesi sinqumo futhi wahlohloloza uLionel Messi emtshela ukuthi akasukume.

Bobabili laba badlali bangene njengabangene ngesiwombe sesibili kulo mdlalo obungoMgqibelo. 

UMessi, ubebuya ekulimaleni futhi edlala okokuqala, kanti ushaye igoli kungakapheli ngisho imizuzu emibili engenile.

I-Inter Miami inqobe ngo 2-1 ihlula iPhiladelphia Union eqeqeshwa nguBradley Carnell waseNingizimu Afrika.

UMessi ubephuthelwe yimidlalo yakamuva ye-Argentina yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenxa yokulimala umsipha wesinqe. 

Ukubuya kwakhe kusize i-Inter Miami ukuthi iqhubeke nokungehlulwa njengoba izihola phambili kwi-Eastern Conference njengoba seyinqobe imidlalo emine kwemihlanu.

U-Olwethu Makhanya ujoyine iPhiladelphia Union ngoJulayi 2023 ngemuva kwesizini enhle abe nayo kwiStellenbosch FC. 

Uqale wadlalela iqembu le-reserve kule kilabhu kodwa manje usephenduke omunye wabadlali abaqala yonke imidlalo.

Nokho useke waphazamiseka ngesikhathi emisiwe kulandela ukuthola ikhadi elibomvu bebhekene neNashville. 

Kodwa-ke, umzimba wakhe oqatha nokugoloza kwakhe ebhekene nenkunzi enguLionel Messi kukhombisa ukuthi kungani u-Olwethu Makhanya ebonwa enekusasa elihle.

Zibukele le vidiyo yodumo ngezansi: