AmaZuluEzintsha

Ngabe uthunywe ngebhakede elivuzayo owoSuthu?

Ngokomengameli waleli qembu laseThekwini, uSandile Zungu, ufuna liqede endaweni ezolibuyisela emiqhudelwaneni yeCaf ekupheleni kwesizini ezayo.

Lokhu kusho ukuthi kumele AmaZulu aqede endaweni yesithathu ukuya phezulu, noma adle isicoco seNedbank Cup.

Lokhu kuwumthwalo onzima kuMartin, otshele iLisenethini ngeviki elidlule ukuthi akawaboni eqenjini lakhe amandla okuqeda endaweni yesibili kwilogi. 

Okwenza kube wumthwalo onzima lona wukuthi ngesikhathi amaqembu engena emakethe ethenga abadlali ubuthaphuthaphu, Usuthu aluthiyithi vu leyo. 

Empeleni nje leli qembu lihudula izinyawo ekuthengeni abadlali abanohlonzo, abangakwazi ukusiza iqembu lifeze lezi zinhloso eselibekelwe zona. 

UZungu wathi kunabadlali abaqhamuka ezinhlakeni zeqembu zokuthuthukisa amakhono abahlolwayo ukuthi bengawenza yini umsebenzi eqenjini elikhulu.

Wathi abanye nezinye izinguquko ezikhona eqenjini zizokwethulwa ngasekupheleni kukaJulayi. 

Labadlali uZungu akabashongo ngamagama kodwa wathi bakhona eqenjini waphinda waveza ukuthi khona abadlali abazama inhlanhla. 

ILisenethini isingakuveza ukuthi omunye wabadlali abazokwethulwa wuSuthu uLuvuyo Phewa obolekwe kwiMamelodi Sundowns.

Lo mdlali unekhono elihle kuwukuthi ubengakaze athole ithuba eqenjini elinozinzo kahle ukuze azibonakalise ngokuphelele.