AmaZuluEzintsha

Aseqalile ukuvala izikhala zabadilizile AmaZulu 

Leli qembu elizinze eThekwini lishaqise abaningi ngesikhathi limemezela ukukhululwa kwenqwaba yabadlali ngesikhathi esisodwa.

AmaZulu ahlukane nabadlali abamqoka okubalwa kubo u-Augustine Mulenga, uJunior Dion, uBoniface Haba, u-Ethan Brooks nonozinti onamava uVeli Mothwa.

Leli qembu liphinde lavalelisa kubadlali basemuva abanamava o-Abbubaker Mobara, uSandile Khumalo, uMbongeni Gumede, uKwanda Mngonyama, uRamahlwe Mphahlele, noThembela Sikhakhane. 

Kubadlali basesiswini kudedelwe uWayde Jooste, uSkhulile Manyoni, uRowan Human, noMsindisi Kunene. UTshepang Moremi yena udayiselwe i-Orlando Pirates.

Abadlali abebebolekiwe u-Etiosa Ighodaro noSifiso Ngobeni bona babuyiselwe ekilabhini yabo iMamelodi Sundowns ngemuva kokuphela kwesikhathi abebebolekiswe sona. 

Lokhu ngokusobala kushiye Usuthu nezikhala eziningi okumele zivalwe abadlali abasha eqenjini.

Kodwa-ke, le kilabhu isivele iwuqalile umkhankaso wokuvala lezo zikhala. 

Ngokubika kweKickOff, AmaZulu asesayine umgadli oneminyaka engu-21 ubudala uKeagile Malepe obekwiPretoria Callies. 

UMalepe uhlabe umxhwele ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu leMotsepe Foundation Championship, njengoba esezodlala esigabeni esiphezulu manje.

Usihlalo weCallies, uMoses Malada, nguye oqinisekise izindaba zokudayiswa kwalo mdlali, wathi sebeqede konke noSuthu.

“UMalepe usijoyine ngesizini edlule esuka eqenjini lezimfundamakhwela, kodwa manje sesenze isivumelwano naMaZulu ngaye. 

“Abanye abafana abathathu — uSaketso Moremi, uKeorapetse Sebone, noMpho Mavundlela — bona baya kwiPolokwane City.”

AmaZulu azodinga abanye abadlali abambalwa ukuze aqedele ukulungiswa kabusha kweqembu lawo ngaphambi kwesizini ka-2025/26.

Kodwa ukwengezwa kukaMalepe kuwuphawu olucacile lokuthi isigaba sokwakha kabusha siyaqhubeka Osuthwini.