Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos ubhala uyacisha ngakabalindisile kwiBafana

Uzwakalise ithemba elixakile lokuthi ngeke adinge ukubabiza laba badlali uma esemqhudelwaneni ozayo we-Afcon eMorocco.

Ngesikhathi ememezela iqembu lakhe labadlali abangu-25 azoya nabo kulo mqhudelwano, uHugo Broos uqoke nabanye abathathu abazovala izikhala uma kuba khona olimalayo. 

Umgadli weMamelodi Sundowns u-Iqraam Rayners, umdlali weKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala, nomdlali wasemuva weStellenbosch uThabo Moloisane yibo abalindisiwe.

Kuzodingeka bahlezi bekulungele ukugijima baye ekhempini yeBafana uma noma kuba khona umdlali olumalayo.

UHugo Broos uchaze imiyalelo esheshayo enikezwe laba abathathu, egcizelela isidingo sokuthi bahlezi bekulungele ukuba seqenjini uma kuvela isidingo. 

“Sizobacela ukuthi bahlale besesimweni esihle, baziqeqeshe hhayi njengenjwayelo,” kusho uBroos ngoMsombuluko ngesikhathi ememezela iqembu lakhe. 

“Bazodinga ukuhlala besesimweni esihle, ngoba nganoma yisiphi isikhathi kungenzeka okuthile futhi kufanele senze icebo.” 

Isinqumo sokubafaki eqenjini uthi kungenxa yokuthi ngeke kusebenzeke kahle uma esenabadlali abaningi kakhulu ekhempini yakhe. 

“Angifuni ukuhamba nabo ngoba ngingagcina nginabadlali abangu-28 ejimini, kanti lokho kwenza kube nzima ukusebenza kahle,” kucacisa lo mqeqeshi.

UHugo Broos uphethe ngesitatimende esiveze ukuthi kwayena akazi ngampela athini ngalesi simo salaba badlali abalindisile. 

“Yingakho ngizobacela ukuthi bahlale bekulindile ukuza kodwa futhi ngihlalele ethembeni lokuthi ngeke sibadinge.

“Phela ukubadinga kwethu kuzobe kusho ukuthi silinyalelwe ngothile kulaba esinabo okuyinto engingayifisi,” kuvuma uBroos.

“Kodwa ngakolunye uhlangothi, ngiyethemba ukuthi lizovela ithuba lokuthi bazijoyine eMorocco.”

KuRayners, uShabalala, noMoloisane, iphupho labo le-Afcon lilele ekutheni kube khona olimalayo kulabo abaqokiwe.

Njengoba abadlali abaningi abaqokiwe besuka kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, uBroos uzomincela ukuthi kungalimali muntu njengoba lamaqembu enemidlalo nje.

ISundowns izodlala oweBetway Premiership neSiwelele FC ngoLwesithathu, bese iPirates idlale owamanqamu weCarling Knockout neMarumo Gallants ngoMgqibelo.