EzintshaOrlando Pirates

Ususenethini ye-Orlando Pirates omunye ufishi omkhulu

AmaBhakabhaka kubikwa ukuthi asesayine uSinoxolo Kwayiba weChippa United njenogba esemkhankasweni wokusheshe aqede ngabadlali abadingela isizini ezayo. 

Ngokombiko wePhakaaathi, lo mdlali wasesiswini usesayine isivumelwano sesikhathi eside ne-Orlando Pirates.

Lokhu kulandela ukuthi bomabili iChippa nePirates bevumelene ngokudayiselana ngaye.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-23 yeligi kwiChilli Boys kule sizini. 

Kubikwa ukuthi ubelokhu engomunye wababhekwa amakilabhu amaningi ngemuva kokungena kwakhe kwiBafana Bafana.

Womabili la makilabhu engakasimemezeli ngokusemthethweni isivumelwano sawo.

Kodwa kuvela ukuthi nakanjani lo mdlali ongowokuzalwa eMotherwell uzobe egijima kw-Orlando Pirates ngesizini entsha.

“Iqembu livumile ukumdedela aye kwi-Orlando Pirates njengoba likholwa wukuthi lesi sinyathelo sizomzuzisa ngokwemali,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ibhola lakhe lingakhula ukusuka lapha kuphela. Ngilindele ukuthi abe ngumdlali ojwayelekile kwiBafana uma enze kahle kwiPirates ngesizini ezayo.

“Nginesiqiniseko sokuthi uzokwenza kahle lapho futhi athathe umsebenzi wakhe awuyise kwelinye izinga.”

UKwayiba ubeyingxenye yeqembu leNingizimu Afrika leCosafa Cup ebiseGqeberha ngonyaka odlule, lapho edlale khona imidlalo emibili. 

Uphinde wathatha indawo kaTeboho Mokoena ngesikhathi iBafana inqoba ngo 5-0 ihlula iCongo-Brazzaville emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations eNelson Mandela Bay Stadium.

Ungowesithathu ukusayinwa yi-Orlando Pirates buthule njengoba isaqhubeka nokuqinisa isikwati sayo.

Lezi ziqhwaga zaseSoweto kubikwa ukuthi zisayine abadlali ababibili abathembisayo uKabelo Kgositsile nomdlali wasemuva uTshepo Mashiloane – bobabili beBaroka FC.

Kuphinde kube namahlebezi okuthi sebeziqedile izingxoxo neSekhukhune United mayelana nokusayinwa kukaTresor Tshibwabwa.

Lo mdlali wasemuva waseCongo akakwazanga ukujabulela igoli lakhe ngesikhathi bebhekene nePirates muva nje, okuqinise amahlebezi okuthi uya kuyo. 

Kukholakala ukuthi iPirates isezingxoxweni nabamele uFiston Mayele ngokuletha lo mgadli kwiPSL ngesizini ezayo. 

Njengoba idlanzana labadlali kulindeleke lijoyine ngesizini ezayo, kulindeleke ukuthi ikhulule abambalwa ukuze kuvuleke izikhala futhi igweme ukuba nabadlali abaningi eqenjini.