AmaqembuEzintsha

Ufuna ukugila izimanga ezagilwa uMusona kwiChiefs

UNokutenda Mangezi, umdlali osanda kusayina kwi-SuperSport United, ulangazelela ukushiya umaka ongasobe walibaleka ebholeni laseNingizimu Afrika.

Njengoba eneminyaka engu-19 nje kuphela ubudala, lo mdlali unamaphupho amakhulu. 

UMangezi uyalazi izinga eliphakeme elabekwa abagadli baseZimbabwe kwiPremier Soccer League (PSL) phambilini.

Uhlose ukulandela ezinyathelweni zabo, ikakhulukazi lezo zeqhawe lakhe, uKnowledge Musona.

Muva nje uMangezi udlale umdlalo wakhe wokuqala emdlalweni wezinkunzi zaseTshwane.

Yize ezakhe zikhale ngaphansi kwiMamelodi Sundowns, uMangezi usazimisele ukusiza ezikaGavin Hunt zibe ngcono.

Lo mgadli osemusha unethemba lokuthi lokhu bekuyisiqalo somsebenzi omude futhi ozoba yimpumelelo eNingizimu Afrika.

Uma ekhuluma ngoMusona, kulula ukubona ukuthi yiqhawe lakhe ngampela leli futhi uzimisele ukulandela ezinyathekweni zalo. 

“UMusona nguye owaqala konke. Kukhona futhi oTerence Dzvukamanja, uKhama Billiat, uTendai Ndoro, nabanye abaningi.

“Kodwa lapho sikhula, uMusona nguyena ebesimazi kangcono ngoba nguye owayedume futhi ethandwa kakhulu,” kusho uMangezi.

“Uyiqhawe lami. Uzongizwa ngihlezi ngithi ngifuna ukuba njengoMusona ngolunye usuku, noma ngibe ngcono. Wangikhuthaza kakhulu”.

Nakuba uMangezi ejabulile ngokuqhubeka nomlando wabadlali baseZimbabwe kuleli, akafuni ukugijimela phambili. 

Usemncane futhi ugxile ekufundeni. “Yebo, yebo, ngisafunda okuningi,” kusho yena.

“Umgomo wami ukwenza iZimbabwe iziqhenye ngami. Ngifuna ukumela izwe lami kahle lapha.

“Abadlali abaningi baseZimbabwe baphumelele eNingizimu Afrika.

 “Akukhona ukuzifakela ingcindezi, kodwa ngidinga ukujabulela ukudlala, ukulalela abaqeqeshi, nokwenza konke okusemandleni ami”.