Bafana BafanaEzintsha

Ushiye icala elibi emuva oya kwiSundowns

  • Intatheli yeLISENETHINI

U-Iqraam Rayners – okuvele izithombe zakhe esesikhumulweni sezindiza esuka eKapa eya eGoli – usolwa ngokushaya owesilisa ngempelasonto.

Ngokombiko weNews 24 wevidiyo, u-Eon Hendricks, ubezijuxuza nabangani eCentral Club eStellenbosch ngesikhathi ehlangana noRayners.

“Bekuphakathi kuka-12 no-1 (ebusuku), le ndawo ebesikuyo ivamise ukuvala ngo-1,” kusho le nsizwa ethole isibhaxu. 

“Ngiye elavathi la ngifice khona u-Iqraam… Ngingumlandeli wakhe, ngikujabulele ukumbona ngoba bengisanda kufunda ukuthi kungenzeka aye kwiSundowns.

“Ngibe sengizama ukukhuluma naye ngalokhu. Akazange angiphendule ngendlela ebengiyilindele. 

“Uphendule ngolaka olubi, wabe esephuma elavathi. Nami ngiphumile ngemuva kwesikhashana. 

“Uma ngifika ngaphandle, ngezwa ngento engishaya ebusweni. Ubengishaya ngengilazi yesiphuzo sakhe ebusweni. 

“Ngiwile, ngabona ukuthi ngiyopha. Kuthe kusenjalo ngezwa ngabantu bengikhahlela bezama ukungibamba.

“Ngikwazile ukuphunyula ngabalekela egunjini elithile lapho ngithole khona usizo, ngaphuthunyiswa nasesibhedlela,” kuchaza uHendricks. 

Uthe yena ubemjabulela njengomuntu amthatha ngokuthi uyiqhawe endaweni futhi emthakasela ngenxa yempumelelo yakhe.

“Okungiphoxa kakhulu ngalokhu wukuthi kwenziwe umuntu engimesekayo, hhayi yena ngokwakhe, kodwa isikhungo asebenza kuso (iStellies).

“Siyinto enkulu emphakathini wethu. Ngiphoxekile ngendlela aziphathe ngayo.”

Uthe indlela okwenzeke ngayo kuyacaca ukuthi uRayners uyihlelile indlela azomhlasela ngayo. 

“Njengomdlali osezingeni akulo, ngicabanga ukuthi kumele azi imiphumela yezinto ezifana nalezo. 

“Ukube bekuwukulwa nje okujwayelekile, ngabe ngiyaqonda ngoba vele kuyenzeka kuliwe (ezindaweni ezinjena).

“Kodwa ukuthatha ingilazi, kuveza ukuthi ubenenhloso yokwenza ubugebengu. Yilokho okungiphoxe kakhulu.” 

Okwamanje akukacaci ke ukuthi ulivulile yini icala lokushaya ngenhloso yokumlimaza.