Ezintsha

‘Usevalelisile’ uRulani Mokwena kwiWydad Atheltic?

Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika wenze lesi simemezelo ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 neSafi ngoLwesithathu.

Nokho uRulani Mokwena uthi sekuncike kumengameli weqembu ukuthi anqume ukuthi kumele ahambe manje noma alinde kuphele isizini. 

“Sengike ngasho ukuthi ngizohamba ekupheleni kwesizini. Ukuthi ngihamba manje noma ngaleso sikhathi kuncike kumengameli,” kusho uMokwena. 

URulani Mokwena ujoyine i-Wydad Athletic ekuqaleni kwale sizini futhi bekulindelwe lukhulu kuye. 

Umgomo wakhe omkhulu bekuwubuyisa impumelelo nokusiza iqembu ukuthi libuyele kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. 

I-Wydad Athletic iqede endaweni yesithupha ngesizini edlule futhi ibinethemba lokuthi izobuya ngamandla amakhulu kulokhu.

Kodwa imiphumela ayizange ihambisane nobekulindelwe. UMokwena uhlulekile ukunqoba IThrone Cup. 

Njengamanje iWydad isendaweni yesithathu kwilogi yeBotola Pro 1. 

Isele ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kwe-AS FAR Rabat esendaweni yesibili njengoba sekusele imidlalo emithathu.

Umdlalo wakamuva ophele ngo 1-1 bedlala neSafi bekungokwesithupha kulandelana iWydad idlala ngokulingana. 

Amathemba ayo okubuyela ebholeni lasezwenikazi abukeka esemancane kakhulu manje.

URulani Mokwena uphinde wagcizelela uthando lwakhe nge-Wydad Athletic. 

Phambilini uke wadalula indlela awaziba ngayo amanye amakilabhu ayemfuna wakhetha yona ngenxa yothando analo ngayo. 

“Ngiyayithanda iWydad. Uma ngihamba, ngizoshiya ngisengumlandeli othembekile weWydad. 

“Ukuthi ‘Dima Wydad’ kusho ukuthi iWydad kuze kube phakade,” kuqhuba uMokwena.

Uphinde wancoma ubuholi beqembu. “IWydad inomengameli ongcono kakhulu eMorocco, mhlawumbe e-Afrika yonkana. 

“Abadlali banginike konke abanakho. Abasebenzi bangeseke ngayo yonke indlela,” kwengeza yena.

“Kodwa iWydad iyiklabhu enkulu. Kumele inqobe izindebe. Mhlawumbe idinga umqeqeshi ongcono kunami,” kuvuma lo mqeqeshi osemncane.

Uhambo lukaRulani Mokwena ebholeni laseMorocco lubukeka selufike ekupheleni ngendlela ebingalindelekile. 

Uma ehamba manje, iWydad kuzomele ithole umqeqeshi omusha ngaphambi kweFifa Club World Cup ngoJuni.