EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uveza okusamchaze kakhulu kwiChiefs

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usencome abalandeli baleli qembu ngendlela ababeseka ngayo ekuqaleni kwesizini ka-2024/25.

Amakhosi ayiqale kahle isizini ngaphansi kwalo mqeqeshi wawo omusha odabuka eTunisia.

Emidlalweni emithathu yokuqala yeligi, iChiefs idlale ezinkundleni ebezigcwele phama ibhekene neMarumo Gallants, AmaZulu FC neMamelodi Sundowns. 

NangoMgqibelo, yize amathikithi engadayiswanga aphela ePeter Mokaba Stadium ePolokwane, kodwa bebebaningi ngendlela ehloniphekile abalandeli. 

Ishaye iSuperSport United ngo 4-0 ukuze ifinyelele emzuliswaneni wesibili kwiCarling Black Label Knockout.

Akungabazeki ukuthi abalandeli bazothutheleka ngobuningi enkundleni efanayo kulo Mgqibelo bezobuka iChiefs ibhekene neSuperSport futhi. 

Kulokhu la maqembu azobe evovana inkani emdlalweni weBetway Premiership.

“Ngiyajabula ukuthi abalandeli bajabule ngemiphumela kuze kube manje,” kusho uNabi kwisizindalwazi (website) seChiefs. 

“Kodwa ngikholwa wukuthi sikude kakhulu nalokho esifuna ukukwakha. 

“Sisesikhathini soguquko futhi kuzothatha isikhathi. Nokho, noma sisakha siyadinga ukuthola imiphumela ukuze siqhubekele phambili.

“Sisalindele izikhathi ezinzima. Kodwa siyalazi isu lethu lokuthi sifuna iqembu libe kanjani futhi sisahamba ngendlela efanele. 

“Kusho lukhulu ukuba nabalandeli ngemuva kwethu. kunomthelela omuhle kakhulu lokho.”