
UMokoena ‘ubehlabekisa umqeqeshi weSundowns’ – Broos
- Sibongiseni GUMBI
UTeboho Mokoena akakadlali kwiMamelodi Sundowns kusukela kuqale isizini entsha, kodwa ufike eqenjini lesizwe, iBafana Bafana wagila izimanga.
Ubungaphika ukuthi unesikhathi agcina ukuba senkundleni uMokoena njengoba bekunguye olawula umdlalo weBafana ngoLwesihlanu ebusuku.
Nguye oshaye amagoli amabili okuqala ngesikhathi iBafana ivuthulula iCongo-Brazzaville ngo 5-0 emdlaweni wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations eNelson Mandela Bay Stadium.
Ngemuva kokushaya igoli, uMokoena ubejabula ngendlela ekhombisa ukuthi kunomlayezo anawo, ezikhomba esifubeni bese ekhomba phansi.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos uthi indlela adlale ngayo uMokoena kucacile ukuthi ubethumela umlayezo kumqeqeshi wakhe kwiSundows.
“Sengimaze ngaphezu kweminyaka emibili uTeboho,” kusho uBroos uma ebuzwa ngalo mdlali ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi wabizwa okokuqala kwiBafana ngesikhathi ngiba ngumqeqeshi futhi indlela asekhule ngayo kule minyaka emibili inhle kakhulu.
“Usephenduke umdlali omuhle kakhulu. Ngiyazi namuhla mhlawumbe ubegqugquzeleke kakhulu ukukhombisa umqeqeshi wakhe kwiSundowns ukuthi akulungile ukungamdlalisi.
“Yileyonto-ke engiyithandayo, hhayi ukukhuluma, ukusebenza,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
UBroos uke wakhuluma ngesimo sikaMokoena noKhuliso Mudau sokungadlali kwiSundowns, ethi siyamkhathaza.
“Ngike ngakusho ezinsukwini ezimbalwa ukuthi kumele ngikwamukele futhi ngisihloniphe isimo, kodwa ngeke ngivumelane naso.
“Ngicabanga ukuthi namuhla kukhombisile ukuthi kungani ngingeke ngivume ukuthi akadlali kwiSundowns. Kodwa-ke kulungile, akuyona inkinga yethu leyo.
“NoKhuliso, ngihlezi ngibethemba ngokugcwele labo badlali, ngiyabazi, ngiyazi bahle kangakanani nokuthi babaluleke kanjani eqenjini.
“Sengithandazela ukuthi iSundowns ijike ukucabanga ngalaba bafana nokuthi bathole ithuba lokudlala.”
