Ezintsha

UMngqithi ‘ukokozele’ abamgxekayo, uzovuka kukhalwe

UMngqithi uxoshwe ngoDisemba ngemuva kweminyaka engaphezu kweshumi ekule kilabhu. 

Wafika ezosebenza njengephini lomqeqeshi, wagcina esengumqeqeshi ebambisene nomunye njengoba egcine esezibambele yedwa nje. 

Ukuhamba kwakhe kulandele ukuqala isizini ngendlela abaphathi beqembu abayibone ingeyinhle. 

ISundowns ihlulwe kowamanqamu weCarling Knockout Cup ishaywa yiMagesi FC, yaphinde yangenza kahle esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League.

Kulapho ke abaphathi bebone ukuthi babheke omunye umqeqeshi ukuzotakula umkhumbi.

Kwabe sekuthathwa ngumqeqeshi wasePortugal uMiguel Cardoso. Yize kunjalo, uMngqithi akanandaba nabamgxekayo.

Ekhuluma kwiPodcat yeGolden Arrows, i- Up Back Through, uthe imibono yabanye abantu ngaye ayimkhathazi nakancane nje. 

Ukholelwa kwikhono lakhe lokuqeqesha futhi akavumeli ukuphawula okungekuhle kumthikameze kwakholelwa kukho.

“Angicabangi ukuthi abantu abangemuva kwamakhamera bangangilimaza,” kusho yena ngabahlaziyi. “Kwesinye isikhathi uthola ukuthi abantu nje abangabaluleke ngalutho. 

“Ngakithi bathi, ‘Izinja aziyikhonkothi imoto emile’. Uma wenza okuthile kahle, bayakunaka.”

Uqhube wathi umnikazi weGolden Arrows uMato Madlala nguye ufakazi wokuthi ungumuntu owomelele kangakanani. 

“Anginandaba nokuthi abantu bathini. Ngiyalazi ikhono lami. Ngizothola omunye umsebenzi, futhi ngizokwenza kahle. Sengiwine okuningi kakhulu kakade.”