
UMbatha wePirates waliphiwa unina iThalente lebhola
Unina womdlali we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha useveze ukuthi wayetha kanjani le ndodana yakhe leli gama esivele ylilandela.
UThalente Mbatha usekhombise ukuba nethalente elimangalisayo njengoba kumanje eyisethenjwa kwi-Orlando Pirates.
IPirates ngelinye lamaqembu amakhulu nanomlando omude ebholeni elikhokhelayo kuleli.
Ukudlala kulo akukhona okwanoma yimuphi umdlali. Kodwa indodana kaPhumzile Mbatha yona inethalente ngokwanele ukuba yisethenjwa kulo.
UThalente Mbatha ufike kwi-Orlando Pirates ezohlolwa phakathi nesizini eyandulela edlule, kodwa yaphela eseyisethenjwa sikaJose Riveiro.
Ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi iPirates iboleke lomfanyana omncanyana nangomzimba kwiSuperSport United, kwamangaza abaningi.
Cishe waba ngumdlali wokuqala iPirates emboleka kwelinye iqembu kuleli njengoba kuyiyo evamise ukubolekisa ngabadlali.
Ufike wabachaza abaqeqeshi, kwathi uma kuphela isizini iPirates yabe seyimsayina ngokugcwele.
Kumanje ungumdlali omqoka eqenjini, kanti nakwiBafana Bafana usengenile futhi useqalile nakhona ukuzakhela igama.
Akusekude agcine eyisethenjwa sikaHugo Broos nakhona njengoba enomkhuba omuhle wokushaya amagoli amahle kwiBafana.
Ekhuluma ohlelweni lweCarling Black Label, iChampion Moms unina uveze ukuthi wamqamba kanjani leli gama elingajwayelekile.
“Ngangingenalo igama engangilicabangile. Kwathhi uma bengibuza ngavele ngathi uThalente,” kusho uPhumzile Mbatha.
Okumangazayo ngaleli gama wukuthi uPhumzile uthi yilo elavele lafika kuqala emqondweni wakhe.
“Nami angazi kwenzeka kanjani. Ngicabanga ukuthi kwakuyindlela yami yokumfisela ukuthi abe nethalente elithile.”
Njengoba kusongwa isizini, uMbatha ungomunhye wabadlali okubhekwe ukuthi bangase bashintshe amaqembu.
Sekuke kwavela amahlebezi okuthi kunamaqembu aphesheya athathekile ngaye futhi azozama ukuzomena kwiPirates.
