Bafana BafanaEzintsha

UBroos uyikhomba kubalandeli eyokuhoxa koweBafana

UHugo Broos useveze asola ukuthi yikho okwenze uPercy Tau acele ukungaqokwa esikwatini sakamuva seBafana Bafana. 

UTau akazange afakwe eqenjini elizobhekana neCongo Brazzaville ngoLwesihlanu nango-Okthoba 11, emidlalweni yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon). 

Nasekhempini edlule yeBafana uTau wayekhona kodwa akazange adlale kanti uBroos usola abalandeli ngesimo salo mdlali kwiBafana. 

“Angazi, kodwa ngiyazibona izinto ezenzekayo. Futhi ngizokuphinda lokhu, ngemuva kwe-Afcon (abalandeli) bambulala. Bambulala futhi lokho kwakungafanele,” kusho uBroos. 

“Kwakungafanele, ubengumdlali osisizayo, kodwa wayengekho ezingeni, kodwa wayewenza umsebenzi wakhe.

“Ngemuva kokungambizi emdlalweni we-Algeria, wangitshela wathi, ‘Kodwa mqeqeshi (ukugxekwa) kuyingxenye yebhola’. 

“Impela kuyingxenye yebhola, kodwa kwenzani engqondweni, ngeke ungitshele ukuthi akukungemi eqondweni. 

“Wabuya emidlalweni yeZimbabwe neNigeria, kwaphinde kwaqala phansi,” kuqhuba lo mqeqeshi oneminyaka engu-73. 

Kulokhu uTau uzicelele yena, ngokusho kukaBroos, ukuthi angaqokwa ngenxa yezimo ezithinta yena ngqo. 

“Kuphinde kwengeza izinkinga (bekubikwa ukuthi akezwani kahle nomqeqeshi) abenazo kwi-Al Alhly, kwanesikhathi angadlali ngaso.

“Kuke kwakhulunywa ukuthi uyashiya, manje akasahambi. Ngamuzwa ethi ufuna ukuhlala, ngakho kuyangabazeka.

“Ukungabi khona kwakhe (kwiBafana) njengamanje kungenxa yezizathu eziqondene naye uqobo. 

“Ungicelile wathi, ‘mqeqeshi, ngicela ungangiqoki, angiskho esimweni zokuza ngenxa yezinto ezibhekene nami;.

“Ngingathini-ke? Okusho akakulungele ukuza, mhlawumbe kumele afune elinye iqembu lapho ezojabula khona. 

“Lokho kungasiza ukusibuyisela uPercy Tau wakudala esimaziyo kumasizini ambalwa edlule.

“Ngiyakufisa lokho, siyayazi ikhwalithi kaPercy nokuthi ingasisiza kakhulu,” kuchaz alo mqeqeshi.

“Kodwa kumele sibe neqiniso futhi sibhekisise ukudlala kwakhe eqenjini lesizwe.”