
ULerato Chabangu ‘uyelulama’, kusho abesikhungo akuso
Owayeyisihlabani seMamelodi Sundowns uLerato Chabangu wenza kahle ohlelweni akulo lokuhlunyeleliswa kwesimilo nokusizwa ahlukane nezinto eziphazamisa impilo.
Le nsizwa eneminyaka engu-39 ubudala ingene eHope of Achievers Rehabilitation Centre e-Ga-Molapo, eLimpopo, ngoFebhuwari 8 ka-2025.
Ubhekene nempi yokuyeka ukuncika ezidakamizweni nasotshwaleni futhi waphendlelwa ngusihlalo weNKRL Foundation uRonny Noko Losodi kulesi sikhundo akuso.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
ULerato Chabangu wayengomunye wabadlali abanekhono elimangalisayo ebholeni lakuleli. Udlale kwiSundowns, iSuperSport United, iMoroka Swallows, neChippa United.
Uphinde wavela amahlandla ambalwa nakwiBafana Bafana phakathi kuka-2005 no-2014.
Nokho, ngemva kokuwagaja emgibeni amakhokho, uzithole esengenalutho ngenxa yokuthi imali wayeyisebenzisa buhdlabha esasebenza.
Lokhu wazivumela yena ngokwakhe ohlelweni lukamabonakude i-I Blew It, wathi imali wayengayibheki, eyidla otshwaleni futhi ebheja nasemantombazaneni.
Umnikazi wesikhungo akuso njengamanje, uWatson Luandi useveze ukuthi kuza kahle ngoLerato Chabangu futhi ubona ezophuma esengumuntu ongcono.
“ULerato wenza kahle kakhulu. Uza kahle ezinhlelweni abekelwe zona futhi useze uqalile usiza nabanye abazofuna usizo,” kusho Luandi kwabe-FARPost.
“Usebenzisana kahle nabamsizayo. Kunenqubekelaphambili enkulu ohambweni lwakhe.”
ULuandi ugcizelele isidingo sokuthi abadlali bebhola – abasadlala manje nasebawagaa emgibeni amakhokho – bafune usizo uma benale nkinga
“Abadlali bathola imali eningi, kwesinye isikhathi ngaphandle kokuyihlelela ukuthi bazoyenzani.
“Abaningi baphendukela ezidakamizweni noma otshwaleni ngoba bethi bayazijabulisa,” kwengeza yena.
“Esikhungweni sokuvuselela, asibasizi nje ukuthi bayeke kuphela. Sifundisa ukuzithiba nokuzilawula.
- FUNDA NALA | UMorgan Mammila nesikhundla esisha kwiChippa United
“Kukhona nohlelo olugxile ekubasizeni ngokwengqondo ukuze baphume beqinile.”
Indaba kaLerato Chabangu kumele ibe yisifundo kwabanye abasadlala nasebayeka.
Inqubekelaphambili yakhe ikhombisa ukuthi ushintsho lungenzeka uma umuntu ethole usizo nokwesekwa okufanele.
