
UHugo Broos ‘akasabafuni oMbokazi eNingizimu Afrika’
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, unomyalezo ngebhola laseNingizimu Afrika, futhi uyiqiniso elibabayo: abadlali abahamba phambili baye e-Europe.
Ngemuva kokuhola iqembu lakhe linqoba iLesotho ngo 3-0 nokudlala ngokulingana ngo 1-1 neNigeria, lo somaqhinga waseBelgium ube esekhuluma ngekusasa lebhola lakuleli.
“Sinabadlali abahle impela futhi ngiyethemba ngempela ukuthi ngemuva kwesikwenzile kwiBafana Bafana laba badlali bazothola ithuba lokuya e-Europe,” kusho uHugo Broos.
KuHugo Broos – obekhuluma ngemuva komdlalo weNigeria – isixazululo sokuphakamisa ibhola laseNingizimu Afrika silula: ukufaka ithalente layo ezingeni eliphezulu lokuncintisana.
Ukholwa ukuthi iPremier Soccer League, nakuba iyinkundla enhle, kumele ibe yisitebhisi sokuthi abadlali abasezingeni bayoncintisana nabanhye phesheya kwezilwandle.
“Singaba nesiqiniseko sokuthi uma bedlala emiqhudelwaneni esezingeni eliphezulu kunePSL yethu lapha eNingizimu Afrika bazoba ngcono kakhulu,” kuqhuba yena.
UHugo Broos unxusa izimenenja zabadlali, abadlali, namakilabhu ukuthi babhekele abadlali amathuba ngale kwamaligi akuleli.
“Ngakho-ke asethembe ukuthi abafana bazothola amathuba ngokuzayo, mhlawumbe ngesizini ezayo, bayodlala phesheya.
“Mhlawumbe amaqembu ePSL ngeke akujabulele ukuzwa lokhu, kodwa bheka umfana onjengoMbekezeli Mbokazi, lo mfana kumele aye e-Europe.”
Ukhombe lo mdlali osemncane othembisayo njengesibonelo esihle sethalente eselivele likhule ngokwanele ukuthi lidlulele esigabeni esiphezulu sokuncintisana.
UMbokazi uqokwe njengoMdlali oVelele bedlala neNigeria ngemuva kokugoba abagadli bayo inkani, waphinde wacishe washaya inkunzimalanga yegoli.
“Uneminyaka engu-19 kodwa uyayibona indlela adlala ngayo, kungathi useneminyaka engu-10 edlala kuleli zinga.”
FUNDA NALA | Okucike uKhune ngegoli leNigeria
KuHugo Broos, uMbokazi akayena nje umdlali othembisayo; uwuphawu lwamandla ebhola laseNingizimu Afrika.
Umbona eyidayimane elidinga ukupholisha ngomncintiswano webhola lase-Europe ukuze likhazimule ngokuphelele.
