EzintshaKaizer Chiefs

Ubuyele phesheya obezanyelwa kwiChiefs yamchitha

Umgadli wakuleli oke wabonakala ekomkhulu leKaizer Chiefs la kukholakala ukuthi ubeyoxoxisana nabaphathi ngokujoyina leli qembu, usebuyele phesheya. 

ULebogang Mothiba, oke wadlala nakwiBafana Bafana amahlandla ambalwa, kumanje akanaqembu.

Uphelelwe yinkontileka kwiRacing Strasbourg eFrance abesehlale kuyo isikhathi eside, ayangabe isavuselelwa. 

Kuvele imbiko yokuthi engakujabulela ukubuyela ekhaya ngemuva kweminyaka eminingi ephesheya, kodwa ukweswela izesheli kumenze wabuyela khona. 

Ngemuva kokungalitholi iqembu kuleli, uMothiba uchithe inyanga yonke ezicija neqembu laseGermany elidlala esigabeni sokuqala iKarlsruher FC.

Bekubukeka ezosayina kuleli qembu, kodwa iPhakaaathi ibika ukuthi useshiyile kulo, wabuyela eFrance. 

“ULebo uyahlonishwa eFrance ngoba wenza kahle khona yize ebephazanyiswa wukulimala,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ngeshwa ubengakalitholi iqembu elisha. Iqembu laseGermany belichazekile ngaye futhi bekubukeka ezosayina kulo. 

“Ngeshwa, akuzange kusenzeka lokho ngenxa yezizathu engingeke ngiziveze nengamanje ngakho usebuyele eFrance njengoba esaqhubeka nokubheka lapho engaya khona.”