UTruter usesitholile ‘isixazululo’ senkinga yamagoli
- Alfred NGUBANE
Ukugqoza kwamagoli kwiRichards Bay yinto emlalisa obenyoni umqeqeshi, uBrandon Truter.
Leli qembu lakhe lidlala kahle emuva nasesiswini, kodwa lifike lijanyelwe ukhiye uma seliya epalini lembangi.
Emidlalweni eyisishiyagalolunye, iRichards Bay isashaye amagoli amabili nje kuphela, okuyinto eligqilazayo leli qembu.
KweyeBetway Premiership, idlale eyisikhombisa kanti inegoli elilodwa eyalishaya ibhekene neTS Galaxy emdlalweni wokuqala wesizini.
Elinye yalishaya ibhekene neSekhukhune United emdlalweni womzuliswano wokuqala kwiCarling Knockout.
Nokho, exoxa ngokukhethekile neLisenethini ngoLwesine, uTruter uveze ukuthi usenalo icebo lokuqeda le ndlala yamagoli.
Uthe ufuna ukulanda uKermit Erasmus ngoba umbona engasiza ekuqedeni le nkinga, nokukhulisa abagadli bakhe abasebancane.
“Angikakhulumi naye uKermit, kodwa uyena engimbona engafika asisize kule nkinga esinayo ngoba unamava alesi sigaba.
“Sizozama ukumthola ukuze siqinise phambili ngoba yikhona la engibona sisashoda khona njengamanje,” kusho uTruter.
U-Erasmus ukhululwe yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule njengoba bekuphela inkontileka yakhe.
Kusukela lapho akakalitholi iqembu azodlala kulo kanti uke wajima neCape Town Spurs isikhashana.
Nokho ubuye wadedelwa ngoba leli qembu lenqena ukuthi liyamsiza ukuthi abe sesimweni kodwa lokho likwenzela amanye amaqembu.
Engasayinwa noma nini ngoba vele akanalo iqembu anenkontileka kulo. UTruter uthe wudaba lolo abazolukhuluma ngesonto elizayo.
Okwamanje bagxile emdlalweni wabo owandulela owamanqamu kwiCarling Knockout njengoba bezobhekana neMagesi FC ngempelasonto.