
UMcKenzie ufuna incazelo kwiSafa ngekaMokoena – uxolisa kwiFifa
Ungqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie usebhale incwadi evuthayo ebheke kumengameli weSafa uDanny Jordaan kanye nesikhulu esiphezulu uLydia Monyepao.
Kule ncwadi uphikisa uJordaan othe indaba yokuphucwa kweBafana Bafana amaphuzu yinto osekidluliwe kuyo – ufuna izimpendulo ngaleli hlazo nezinyathelo zokuligwema ngokuzayo.
UMcKenzie ufuna umbiko ophelele wokuthi iNingizimu Afrika igcine ilahlekelwe kanjani ngamaphuzu amathathu emkhankasweni wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
IBafana yaphucwa amaphuzu amathathu ngemuva kokutholakala inecala lokusebenzisa uTeboho Mokoena okwakufanele ngabe umisiwe ibhekene neLesotho.
Encwadini yakhe, uGayton McKenzie uthe lesi sigameko siveze ubuthuntu beSafa futhi babeka iBafana engcupheni yokungangeni kwiNdebe yoMhlaba.
“Umphakathi ufanelwe ukuqinisekiswa okugcwele kokuthi zithathiwe izinyathelo ezifanele,” kubhala uGayton McKenzie.
Ucele ukuziphendulela okucacile, ukuqondiswa kobugwegwe lapho kunesidingo, nezinhlelo eziqinile zokuqinisekisa ukuthi iphutha elifanayo aliphinde lenzeke.
Umlayezo kangqongqoshe uqinile — izinsuku zokumbambatha amaphutha, kuthalaliswe sesiphelile.
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
UGayton McKenzie uphinde wabhalela umengameli weFifa uGianni Infantino exolisa ngalesi siga sikaTeboho Mokoena.
“Ngidlulisa ukuxolisa kwethu okuqotho kuFifa ngalokhu kuqondisa kwezokuphatha, ngeshwa okufake ibhola laseNingizimu Afrika ehlazweni.
“Ngicela uqiniseke ukuthi akuyona inhloso yami, noma eyomnyango wami, ukugxambukela ekuphathweni kwebhola…
“Nokho, njengesizwe, sizibophezele ngokujulile ekusekeleni ubuqotho bomdlalo nokugcina isithunzi seNingizimu Afrika emhlabeni jikelele.
“Ngibhalele ngokusemthethweni ubuholi beSafa, ikakhulukazi uDanny Jordaan noLydia Monyepao, ngicela umbiko ophelele ochaza izimo eziholele kuleli phutha.
FUNDA NALA | UShabba uncoma uKhoza noMotsepe ngokukhula kwebhola lakuleli
“Ngicele nezinyathelo zokuziphendulela ezisetshenzisiwe, nezinyathelo zokulungisa ezithathiwe ukuqinisekisa ukuthi isigameko esifanayo asiphinde senzeke.”
