EzintshaMamelodi Sundowns

U-Igesund ubalula isikhulu ‘esixova’ iSundowns

UGordon Igesund usesole umqondisi wezokuqeqesha kwiMamelodi Sundowns, uFlemming Berg ngokuxova kule kilabhu, esebenzisa isikhundla sakhe. 

U-Igesund, ongumqeqeshi onezimendlela futhi ohlonishwayo kuleli, wake wayiqeqesha iSundowns futhi wanqoba isicoco seligi nayo. 

Uveze umbono wakhe ngokwenzeka kuleli qembu ngesikhathi elumana indlebe neLisenethini ngempelasonto.

“Kuqale nini ukuthi abadlali beMamelodi Sundowns bengezwani nabaqeqeshi?,” kubuza u-Igesund.

“Manje sekwenzeka lokhu qede yena akhombe indlela abaqeqeshi bakuleli asebesebenzele leli qembu iminyaka emningi engekho. 

“Okubuhlungu leli qembu lakhiwe kanzima nguPitso Mosimane, ebambisene noManqoba Mgqithi noRulani Mokwena kodwa bonke sebaxoshwa. 

“Ngaphambilini, balanda abaqeqeshi abadume umhlaba wonke abanjengoJohan Neeskecs, uHristo Stoichkov, u-Anthony Lopez Habas, kodwa bahluleka ukwenza umsebenzi.”

Uthe ukuqhela kukaPatrice Motsepe osengumengameli weCaf, yikho okuxova izinto kwiSundowns ngoba akukho muntu onezwi eliqinile.

“Ngicabanga ukuthi uFlemming Berg usebenzisa ithuba lokwenza ukungcola kwakhe kwiMamelodi Sundowns ngoba ekude neqembu uPatrice Motsepe. 

“Kuzokhinyabeza umgqigqo weqembu lesizwe iBafana Bafana uma iSundowns ingashaya udaka.

“UMiguel Cardoso uzofika nendlela entsha yokudlala kwiMamelodi Sundowns nesisazodida abadlali,” kusho u-Igesund.