EzintshaKaizer Chiefs

Obefathuza kwiChiefs, uwaqhulula ngathi uyabukisa amagoli

UJasond González ubuyiselwe emuva yiChiefs ekupheleni kwesizini edlule, yaqoka ukungamsayini.

Yayikade imboleke ngenhloso yokuthi izomgcina uma kuwukuthi uyawenza umsebenzi, kodwa wafike wehluleka. 

Kodwa manje kuvela ukuthi usefomini emangalisayo, futhi uhamba phambili ngamagoli kwiligi enkulu yaseBolivia.

Lo mgadli oneminyaka engu-26 ubudala useshaye amagoli ayisikhombisa emidlalweni engu-10 yeligi kwi-Always Ready FC. 

Usembangweni oshisayo wokuqeda enamagoli amaningi no-Oscar Villalba we-Independiente Petrolero, njengoba bobabili benayisikhombisa kumanje.

Ifomu kaGonzález isize i-Always Ready ukuthi izihole phambili kwilogi njengoba isinamaphuzu angu-24.

Ishiya i-The Strongest ngamaphuzu amabili. Nasemagolini ezikaGonzalez zihamba phamnbili njengoba sezishaye amagoli angu-31.

Nasemuva azidedeli kakhulu njengoba zona zisangenelwe amagoli angu-11 kuphela.

Ngemuva kokuhluleka nawukushaya ngisho elokubika ekhaya igoli ngesikhathi ebolekiswe kwiKaizer Chiefs, uGonzález ubuyele kwiReal Santa Cruz.

Ufike kuyo washaya amagoli ayisithupha— okwenze i-Always Ready yamlanda ukuba azoyisiza. 

KwiChiefs wadlala imidlalo eyisishiyagalombili, kodwa akangashaya nelilodwa igoli.

Kodwa manje usengomunye wabagadli abangalibheki ipali eBolivia.