
Ngathi isha nesobho ingqwele ewuRiveiro kwi-Al Ahly
Umqeqeshi we-Al Ahly uJose Riveiro uqinisa amatomu eqenjini lakhe njengoba kuvela imibiko engemihle yokungahlonishwa kwakhe.
Le mibiko iqale ukuvela ngemuva kokudlala kwezakhe ngokulingana ne-Inter Miami emdlalweni wokuqala kwiFifa Club World Cup.
Lo mdlalo ube ngoLwesihlanu kanti lezi ziqhwaga zase-Egypt zehlulekile ukusebenzisa ithuba elihle esiwombeni sokuqala salo mdlalo.
I-Al Ahly ibekelwe iphenathi. Kube sekuphakama umdlali osanda kusayinwa uMahmoud Trezeguet, walwisa ozakwabo efuna ishaywe uyena le phenathi.
Nokho ibe isimehlula njengoba unozinti we-Inter Miami eyivimbile.
UWessam Abou Ali nguyena obeqokwe ukuthi athathe amaphenathi, kodwa uTrezeguet wayithatha ngenkani.
URiveiro kumcasulile lokhu. Ngokwemibiko evela e-Egypt, lo mdlali wasesiswini uhlawuliswe imali ebalelwa ku-R177 000 ngalokhu.
Kuthiwa le nhlawulo ubevele ezoyithola noma ngabe ubeyivalele enethini le phenathi ngenxa yokuthi wenze okuphambene nenqubo yeqembu.
Kodwa ngokusobala izigemegeme azizange ziphelele lapho ekhempini ye-Al Ahly.
Iphephandaba lase-Egypt, i-Al-Dustour manje libika ukuthi umdlali wasesiswini odabuka eMorocco u-Achraf Bencharki naye uzifake emanzini ashisayo.
Kubikwa ukuthi uBencharki uphatheke kabi ngokushiywa ngaphandle eqenjini eliqale umdlalo we-Inter Miami.
Lokhu uhlulekile ukukufihla njengoba ememathile ebhentshini, kubonakala ukuthi kuthi akaqhume.
UJose Riveiro, ebona lokhu, ube esenquma ukuvele engabe esamsebenzisa kulo mdlalo ukumbonisa ukuthi ubani ophethe.
Lo mqeqeshi kuthiwa umxwayisile uBencharki ngemuva komdlalo.
Uthe noma yiziphi ezinye izimpawu zokunganeliseki azozikhombisa, uzobe esevele embuyisela emuva e-Egypt angabe esadlala nhlobo kulo mqhudelwano.
UJose Riveiro, ojoyine i-Al Ahly ngemuva kokushiya i-Orlando Pirates, kuthiwa uqinisa isitolobho ukunqanda ukufuna ukuziphatha kwabadlali.
Njengoba kulindelwe lukhulu kuleli qembu kwiClub World Cup nje, lo mqeqeshi waseSpain usekubeke kwacaca ukuthi akekho umdlali omkhulu kuneqembu.
Umdlalo olandelayo we-Al Ahly uzoba wukhiye — kukhona kokubili enkundleni nasekuziphatheni kwabadlali.
Izobhekana neqembu laseBrazil iPalmeiras ngoLwesine ngo-6 ntambama emdlalweni okungafanele bahlulwe kuwo ukuze bathole ithuba lokudlulela phambili.
