
Ngabe uSaleng uzodlala ‘kowokuvalelisa’ kwiPirates?
Ukuphinde kubonakale kukaMonnapule Saleng ezicija neqembu ngoMsombuluko sekuqubule amahlebezi okuthi uzobonakala emdlalweni olandelayo we-Orlando Pirates.
Sekunesikhathi eside uMonnapule Saleng engabonakali kwi-Orlando Pirates kanti uke wanyamalala nasejimini kuthiwa udubile.
Kwavela amahlebezi ehlukene – amanye ethi umathiswe wukuthi wenqatshelwe ukuyojoyina iqembu langaphandle ebelimfuna.
Amanye athi yingoba wayethenjiswe ukwenyuselwa imali okugcine kungenzekanga, wabe esexabana nabaphathi ngalokho.
Nokho ubuyelile ejimini emasontweni ambalwa edlule kodwa ubengakadlali kusukela lapho.
Kungenzeka ke kujike lokho kowangoLwesibili kwazise ubalulekile. Akukhona nje uukuthi iPirates idinga amaphuzu agcwele kulo mdlalo.
Kodwa ngawo izobe ivalelisa umqeqeshi wayo, uJose Riveiro osenikwe ivume yokuhamba ingakapheli inkontileka yakhe.
Lo mqeqeshi uzobe esebhentshini okokugcina uma i-Orlando Pirates seyibhekene neGolden Arrows e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Ngemuva kwawo uzohamba njengoba kulindeleke ukuthi ayoqala umsebenzi wakhe omusha kwi-Al Ahly e-Egypt.
ILisenethini ike yabika ukuthi kungenzeka uMonnapule Saleng ayishiye naye i-Orlando Pirates, alandele lo mqeqeshi uma eya kwi-Al Ahly ngampela.
Ubonakale esejimini futhi ebukeka ejabule kunangezinye izikhathi njengoba ebemoyizela, futhi encokola nozakwabo.
Uma kuwukuthi naye uyahamba, kungenzeka kube wumdlalo wakhe wokugcina kweziMnyama, ngakho anganikwa ithuba lokuvalelisa kubalandeli.
Kodwa ke okuningi sekuzocaca uma leli qembu selikhipha uhla lwabazoqala lo mdlalo ose-Orlando Stadium ngoLwesibili.
USaleng ngomunye wabadlali abakhule kakhulu, futhi bagqama ngaphansi kukaRiveiro njengoba ebengomunye wabangasali eqenjini eliqala imidlalo.
