
Lingase lihlakazeke ithimba eliqeqesha iRichards Bay
Ithimba labaqeqeshi le-Richards Bay, elihole le kilabhu layifaka kwiTop 8 kwiBetway Premiership okokuqala, lingase lihlakazeke.
Lokhu kulandela ukuvela amahlebezi okungajabuli koyedwa wabaqeqeshi abebehola leli qembu kule sizini.
ILisenethini isithole omunye wabaqeqeshi abathathu, uPapi Zothwane akaneme kuleli qembu futhi ucabanga ukushiya.
Kuke kwaba namahlebezi okuthi leli qembu alikabakhokheli abanye babadlali balo ezinyangeni ezedlule, manje kubukeka sengathi nabaqeqeshi nabo bayakweletwa.
Umthombo osondelene neqembu utshele iLisenethini ukuthi uZothwane utshele asondelene nabo ukuthi angase angabuyeli kuleli qembu ngesizini ezayo.
“UPapi usanda kutshela asondelene nabo ngezinkinga zeqembu athi akajabule ngazo,” kusho umthombo.
“Akazange asho ngokuqondile ukuthi inkinga yokuhola, kodwa kungase kube yileyo inkinga, noma enye yazo.
“Okukhulu akushilo wukuthi izimo zokusebenza azenzi kube lula,” kwengeza umthombo.
UZothwane uyingxenye yethimba labaqeqeshi abathathu kwi-Richards Bay njengoba esebenza ngokubamnbisana noSiboniso Gumede noRonnie Gabriel.
Bahole iqembu laqeda endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-28 kwilogi.
Usihlalo we-Richards Bay, uJomo Biyela ukuqinisekisile ngemuva kokuphela kwemidlalo ukuthi ujabule ngomsebenzi wabo nokuthi bazoqhubeka ngesizini ezayo.
Kodwa ke kubukeka kuzogcina kuqhubeke abathathu kubo njengoba uZothwane agase angabuyi nje yena.
