DStv Premiership

Kuvuke upelepele ogqokweni kuBarker ‘erojwa’ 

Lo mqeqeshi, obethukuthele egane unwabu, wenqabile ukukhuluma ngomdlalo ekupheleni kwawo.

Kodwa uveze izikhathi la asola ukuthi ezakhe zabanjwa ngophondo uma zibhekene nezinkunzi zaseSoweto.

USteve Barker ubecikwe wokwenzeke ngegoli lesibili leKaizer Chiefs enqobe lo mdlalo weNedbank Cup ngo 3-1 ngoMgqibelo ebusuku. 

IChiefs iklonyeliswe ngegoli elisolisayo ngomzuzu wokugcina walo mdlalo obuseNelson Mandela Bay Stadium. 

Kubukeke sengathi unozinti weStellies, uSage Stephens uphushiwe wawa ngesikhathi kade kuyikhona yeChiefs.

Umsizi kanompempe uliphikile igoli, ethi unozinti udlaliswe kabi futhi nonompempe uSkhumbuzo Gasa wavumelana naye. 

Kodwa ngemuva kokuthi abadlali beChiefs bekhalazile, uGasa uye kumsizi wakhe ukuze axoxisane naye.

Ngokuhamba kwesikhathi usijikile isinqumo sakhe, walivumela leli goli. 

Lokhu kushiye abeStellies befa yintukuthelo futhi kuthi abazithanqaze phansi. 

IChiefs iphinde yashaya elinye igoli sekudlule isikhathi okwenze kwaba ngu 3-1.

“Ngeke ngikhulume ngalo mdlalo,” kusho uSteve Barker ekhuluma kumabonakude ngemuva komdlalo.  

“Eminyakeni emibili edlule ku-quarter-final yeMTN8 sathola iphenathi ngomzuzu ka-96 sibhekene neChiefs, eDanie Craven… 

“Yabekwa kodwa unompempe wabuye wasijika isinqumo, wayichitha. 

“Sidlale kowamanqamu nePirates (ngesizini edlule), bathole i-free-kick bayidlala endaweni engamamitha amahlanu ukusuka lapho yenzeke khona. Yanikezwa.

“Namuhla, umsizi kanompempe uphakamise iduku lakhe phezulu ephawula ukudlaliswa kabi kukanozinti wethu obekusobala.

“Kodwa sajikwa isinqumo. Ngakho ngingathini? Ngiyabonga,” yilokho kuphela uBarker abezimisele ukukusho.