
Kuvela igama likamakadebona kwabagaqelwe yiDurban City
Sekuvele igama lomqeqeshi ongumakadebona kubaqeqeshi i-Durban City ecabangela kubo kulandela ukuhlukana kwayo noKhalil Ben Youssef.
UBen Youssef uxoshwe ngoMgqibelo ngemuva kokuthi iCity inqobe umdlalo owodwa kuphela emidlalweni yayo eyisikhombisa yokuqala yeBetway Premiership.
Ngokubika kweSABC Sport, u-Ernst Middendorp nguye ophambili ohlwini lwabaqeqeshi abafunwa yile kilabhu.
UMiddendorp akayena umqeqeshi ongaziwa kuleli qembu njengoba eseke walicija amahlandla amaningi ehlukene.
Kubikwa ukuthi ubevele esebenza njengomeluleki weCity ngesikhathi sikaBen Youssef.
Kuthiwa umsebenzi wakhe bekuwukuhlanganisa imibiko bese eyithumela kubaphathi beqembu ngezikhathi ezithile.
UMiddendorp uphinde ahlonishwe kakhulu ngusihlalo wale kilabhu uFarook Kadodia, njengoba beke basebenza ndawonye isikhwu eziningi isaziwa ngeMaritzburg United.
UBen Youssef wajoyina i-Durban City ngemuva kwesikhathi sakhe kwiKaizer Chiefs, lapho yena noCedric Kaze basiza khona Amakhosi aqeda endaweni yesithathu.
Wayesayine inkontileka yonyaka owodwa, enenketho yokwelulwa ngeminye emibili.
UMusa Nyatama, ojoyine ithimba likaBen Youssef ekuqaleni kwesizini ka-2026/27, kanti yena usazoqhubeka neqembu. Kodwa uNyatama akanayo iCAF A Licence.
Lokhu kusho ukuthi iCity idinga umqeqeshi oneziqu ezifanele ozohlala ebhentshini emidlalweni yeCAF Confederation Cup.
- FUNDA NALA | Okukhalise uPitso yize iBafana inqobile
I-Durban City isifinyelele esigabeni sesibili semidlalo yokuhlunga kulo mqhudelwano.
Umdlalo wayo olandelayo weligi uzoba ngomhla ka-13 kuMfumfu ibhekene naMaZulu.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
