
Kuvela ezintsha ngeRoyal AM necala layo neSars
IRoyal AM ilhluliwe ecaleni layo neSouth African Revenue Services (Sars) kanti lokhu kusho lukhulu ngekusasa lale kilabhu.
Kusukela ngoDisemba, iSars ibambe izimpahla nama-akhawunti ale kilabhu.
Isikhulu sakwaSars sithathe izintambo kwezemali zeqembu, sashiya abasebenzi nabadlali bengakhokheliwe imiholo.
Manje, ikusasa leRoyal AM aliqinisekisiwe. NgoMsombuluko, ingxenye yabadlali babuyele ekuzilolongeni ngemuva kwesiteleka eside ngenxa yamaholo angakhokheliwe.
Le ngxenye yeqembu libuyele ejimini ngoMsombuluko ngemuva kokukhokhelwa kwemiholo kaJanuwari.
Kodwa-ke, imibiko yakamuva iyaqinisekisa ukuthi iRoyal AM ihluliwe empini yayo yezomthetho.
AbakwaSars manje sebenegunya lokuhlakaza le kilabhu, badayise impahla yayo ukuze bathole imali yabo.
IRoyal AM iphethwe ngusomabhizinisi uShauwn Mkhize. Kuthiwa ukweleta iSars imali engaphezu kuka-R40 million yentela engakhokhiwe.
Iqembu liphinde likweleta abadlali ababili bakudala uSamir Nurkovic noRicardo Nascimento ngaphezu kuka-R20 million.
Izinkinga zeRoyal AM seziphazamise nePSL. Iqembu alikaze lidlale umdlalo osemthethweni kusukela ngoDisemba.
Uhlelo lweNedbank Cup lunesiphithiphithi. Imidlalo yeNedbank Cup emibili ayikadlalwa njengoba lo mqhudelwano udlulela emzuliswaneni wesithathu.
I-PSL manje ibhekene nesinqumo esikhulu sendlela yokusingatha imidlalo engaxazululiwe yeRoyal AM.
