EzintshaNedbank Cup

Kuchithwa ‘amampunge’ ngamathikithi eNedbank Cup

IPremier Soccer League (PSL) ithi ngamapunge eyokuthi kudayiswe amathikithi omdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup angaphezulu kwesibalo inkundla ekwazi ukusithwala. 

Kulo mdlalo we-Nedbank Cup obhekwe ngabomvu kuzobhekana iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ntambama.

I-PSL ikhiphe isitatimende ngemuva kokuvela kwezikhalo ngezinkinga zamathikithi ngoMsombuluko.

I-Open Tickets, inkampani okuyiyo edayisa la mathikithi, ivumile ukuthi kube nezinkinga zemishini evele yajama ngesikhathi kuvulwa ukuthengisa.

Abalandeli bakhokhisiwe ngaphandle kokuthola amathikithi. UBertie Grobbelaar we-Stadium Management SA uthe awekho amathikithi engeziwe akhishiwe.

IStadium Management SA yiyo esebenzisana ne-Open Tickets ebidayisa amathikithi alo mdlalo weNedbank Cup. 

UGrobbelaar ukuqinisekisile ukuthi abakhokhile kodwa abangawathola amathikithi bazobuyiselwa imali yabo.

Uthe ngokwemithetho elawula ezokuphela, le nkundla izosebenzisa izihlalo ezincishisiwe ezingu-49 307 kuphela. 

Lokhu kufaka phakathi nezindawo zomntakabani ezinezihlalo ezingu-5 307 namathikithi nangu-3 000 amahhala.

Amathikithi okuhlala ezindaweni ezijwayelekile angu-41 000 kuphela adayisiwe. 

Wonke amathikithi alo mdlalo athengwe aphela emizuzwini engu-90 eqalile ukudayisa.

UGrobbelaar uthe ukujama kwemishini kwenzeke ngenxa yenani labalandeli abebewafuna lamathikithi. 

Lokhu kwenze kwagcina kunabantu abaningi abakhokhayo, imishini yehluleka ukumelana nabo.

Nokho kube sekuvela izinsolo uGrobbelaar athe zingamanga zokuthi kudayiswe amathikithi anaphezulu kwesibalo esivunyelwe.

“Amathikithi adayisiwe ngalingana isibalo esikwazi ukuthwalwa yinkundla,” usho kanje uGrobbelaar kwiCitizen.

I-Open Tickets ikhiphe isixoliso ekuqaleni kwaleli sonto. Ithe ibhekane nesibalo ebesingalindelwe sabalandeli abebefuna lamathikithi.

Umbiko ogcwele uzothunyelwa kwi-PSL. Amakhasimende azothintwa ukuze abuyiselwe imali noma anikwe kabusha amathikithi.

UGrobbelaar uthe namathikithi omdlalo walezi zinkunzi obungempelasonto edlule eFNB Stadium abedayiswa yi-Open Tickets futhi akubanga nazingqinamba.

Isikhulu sePSL, uMato Madlala, uthe umdlalo uchithe eyokuthi lo mdlalo usungase ujikwe, ususwe eThekwini uyiswe kwenye inkundla.

“Vele uma kunomdlalo ongangalona, amathikithi ngeke anele wonke umuntu owafisayo,” ucashunwe esho kanje.

Abalandeli abangenawo amathikithi bayanxuswa ukuthi bangasondeli kwakusondela enkundleni ngosuku lomdlalo.