
Izimbangi zase-Austria zisha amashushu ngoweSekhukhune
Amakilabhu amabili ayizimbangi ase-Austria asekhombise intshisekelo enkulu kumdlali wasemuva we-Sekhukhune United neBafana Bafana uVuyo Letlapa.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala ubengomunye wabadlali abagqamile kwiBabina Noko ngesizini edlule.
Kuvela ukuthi i-Sekhukhune ayikazimiseli ngokumdedela okwamanje lo mdlali obonakala enekusasa elihle.
Kodwa njengoba la makilabhu ase-Austria ezimisele ngokumthenga, kuzodonsa amehlo ukubona ukuthi iSekhukhune izokwazi yini ukunqaba kuze kube sekugcineni.
Ngokubika kwe-Unplayable, i-Austria Wien isivele ike yavela kwiSekhukhune izocela ukudayiselwa lo mdlali kodwa yachithwa.
Manje izimbangi zayo iRapid Wien nazo sezingenile embangweni futhi seziveze intshisekelo yazo yokusayinisa lo mdlali wasemuva onethalente elihle.
Kuleli, uLetlapa ubemataniswa ne-Orlando Pirates ekuqaleni kwalo nyaka, kodwa kukholakala ukuthi i-Sekhukhune iyichithile.
IPirates isisayinise uNkosikhona Ndaba waseRichards Bay ukuze ivale isikhala sasemuva kwesokunxele azoyibanga noDeon Hotto.
Cishe isazomdinga nomunye njengoba uPaseka Mako enqabile ukuvuselela inkontileka yakhe kuyo, wanquma ukujoyina iKaizer Chiefs.
Uma iSekhukhune igcina imdayisele kwelilodwa kulamaqembu ase-Austria, uLetlapa uzoba ngumdlali wesithathu waseNingizimu Afrika kuleliya zwe.
Owayengumhlaseli weStellenbosch FC, u-Antonio Van Wyk nobengukaputeni weKaizer Chiefs uYusuf Maart sebevele badlala khona.
UVan Wyk uhambe ngoSepthemba nyakenye kanti uMaart umjoyine kule nyanga – bobabili bakwiSV Reid.
Khonamanjalo iSekhukhune imemezele abadlali abasha abayisithupha njengoba ivuselela iqembu layo ngaphambi kwesizini entsha.
Kulaba badlali abasha kukhona nobengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMiguel Timm nonozinti uToaster Nsabata obuya isibili kwiBabina Noko.
