
Izembe linikwe uhlanya kwawePSL, seliqobe 51 wabadlali
Sebengu-51 abadlali abebedlala emaqenjini esigaba esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli, iBetway Premiership, abangenamsebeni kumanje.
Lesi yisibalo esiphezulu kakhulu ikakhulukazi uma ubheka ukuthi kusengabadlali abachithwe amaqembu amahlanu kuphela kwangu-16 adlala kulesi sigaba.
Amanye amaqembu awakaqali ukukhipha izinhla zabadlali angasabadingi, noma angeke azivuselele izinkontileka zabo.
Amabili kulawa amahlanu asezikhiphile – iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates – kusalindeleke adedele abanye abadlali abaningana.
Empeleni nje, bobabili iChiefs nePirates basadedele abane kuphela kubadlali abebenabo kule sizini.
Yize imidlalo isheshe yaphela, le sizini izophela ngokusemthethweni ngoJuni 30, nokuyilapho amaqembu ezobe eseqinisekisa abasayinayo, nabadedelayo.
IChippa United iyona edilize abaningi kunawo wonke amaqembu okwamanje njengoba ikhombe isango abangu-18.
Kubo kukhona nomakadebona webhola lakuleli, u-Andile Jali, uCraig Martin noBienvenu Eva Nga.
Ilandelwa AmaZulu FC njengoba wona ededele abangu-16 ngoLwesihlanu ebusuku.
Kulaba abachithwe wuSuthu kukhona oRamahlwe Mphahlele, uVeli Mothwa, uMbongeni Gumede noRowan Human.
Ngaphezu kwalaba abangu-16, AmaZulu aphinde aqinisekisa nokuthi asedayisele iPirates uTshepang Moremi.
IMarumo Gallants yona idilize abayisishiyagalolunye, okukhona kubo umakadebona womgadli uGabadinho Mhango.
IChiefs nePirates bona basadedele abane ngamunye, kodwa kukholakala ukuthi alikaqedi izembe kubo.
Lapha sibheke abadlali osekuqinisekisiwe ukuthi ngeke besaqhubeka emaqenjini abebekuwo, hhayi okusengamahlebezi.
