EzintshaKaizer Chiefs

ISuperSport ikhanyisele uNabi ngeChiefs

Yenqabile iSuperSport United ukuphendulwa isigubhu seZayoni yiKaizer Chiefs ngesikhathi iyijikela ingabhekiwe, yayishaya ngo 1-0. 

Bekubhekwe ukuthi iChiefs iqhubeke la beyigcine khona ngempelasonto edlule njengoba yayishaya ngo 4-0 iSuperSport. 

Kodwa emdlalweni weBetway Premiership, odlalwe phambi kwabalandeli abebegcwele phama ePeter Mokaba Stadium, ezikaGavin Hunt zijike izinto.

ISuperSport ilishaye esiwombeni sokuqala igoli ngonyawo lukaTashreeq Morris oqedele ibhola ebeligotshwe uSiphesihle Ndlovu kwesokudla. 

Okuqaphelekile kulo mdlalo wukuhluleka kweChiefs ukwakha amathuba acacile, nokukhahlelela ipali. 

Unozinti weSuperSport, uThakasani Mbanjwa uze wavimba ibhola ebeliqonde kuye okokuqala ngomzuzu ka-88. 

Futhi ngemuva kwalokho ube esevimba amanye amabhola abethunyelwa yiChiefs, kodwa alikho ebeliyingozi kangako.

IChiefs izame konke, ithumela amabhola phambili kodwa yagcina ingalitholanga igoli lesibili, umdlalo waphela ngo 1-0. 

Lo mphumela, nendlela okudlalwe ngayo, kufanele ukuba ikhombise uNabi ukuthi kuzomlimaza ukulinda uJanuwari ukuthola omunye umgadli. 

Kuzomele athole nomunye umdlali okwazi ukuhlanganisa iminyakazo esiswini njengoba uma izinto zingavumi kuGaston Sirino, kuvele kubhede.