
Isililo esifanayo ku-Ouaddou iPirates ibinda abalandeli
Uphinde wakhala ngobuthuntu phambili eqenjini lakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou osengene kwenkulu ingcindezi.
Lo mqeqeshi usesheshe waphenduka unukani kubalandeli bePirates kulandela ukuhlulwa kabili kulandelana emidlalweni yeBetway Premiership.
Uvule ngenduku ka 1-0 ayithelwe yiSekhukhune United esekhaya e-Orlando Stadium ngempelasonto edlule, yalandelwa eka 2-1 yeMarumo Gallants ngoLwesibili.
Kumanje amathemba aphansi kubalandeli ukuthi kukhona okungcono azokwenza uma leli qembu selibhekene neMamelodi Sundowns ngempelasonto ezayo.
IPirates izogadulisana neSundowns emdlalweni womlenze wokuqala weMTN8 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
Ekhuluma ngemuva komdlalo weGallants, u-Ouaddou uthe basazohlala phansi babukisise kahle amaphutha abawenzile kulo mdlalo.
“Akubanga wumphumela ebesiwulindele lona. Sifike lapha sinesifiso sokubuyisa amaphuzu amathathu asilahlekele ekhaya,” kusho u-Ouaddou.
“Siwuqale kahle umdlalo, salishaya kuqala negoli, futhi sakha inqwaba yamathuba amahle kodwa sahluleka ukufaka ibhola enethini.
“Ngakho ke, njengoba bengike ngasho, uma uyeka amathuba akho uvulela imbangi ukuthi ikulimaze, iqede ngawe.
“Ngakho ke, impela impoxo enkulu ukuqala kabi kangaka kodwa sizohlala phansi sicabange ngalento nokuthi siyilungisa kanjani.”
U-Ouaddou ubeqale umdlalo ngeqembu elihluke kakhulu. URele Mofokeng, uSipho Mbule noNkosinathi Sibisi bebengekho eqenjini eliqale umdlalo.
Umfakile uMofokeng ngesiwombe sesibili, kodwa kwasho ukuthi umdlalo usuvele uyasinda, akangaba namthelela otheni.
“Sizamile ukwenza izinguquko, sifaka abadlali abasenomfutho kodwa ngeshwa abazange bangene nomehluko ebesiwubhekile.
“Abazange bafike ezingeni ebesilibheke kubo,” kuqhuba lo mqeqeshi ongene ezicathulweni ezinkulu zikaJose Riveiro.
“Kodwa ke sizohlala phansi sicubungule kahle ukuthi kubhimbephi, bese sibuya ngamandla emdlalweni olandelayo.”
Ngaphezu kobuthuntu phambili, nasemuva iPirates isabhacaza futhi idliwa amabhola afanayo kuyo yonke imidlalo. Lokhu kukhomba ukuthi usemkhulu umsebenzi ohlalele u-Ouaddou.
Lo mqeqeshi uzobhekana nengcindezi enkulu emdlalweni olandelayo, ikakhulukazi njengoba ezobhekana neSundowns.
FUNDA NALA | UMabasa ujike umqondo ngokuya kwelaseMorocco
Phela seyiqalile inhlokomo yokuthi abaphathi kuzomele babe beqala becabanga ngokumkhulula, bathole omunye umqeqeshi ozokwazi ukuqhubeka la kugcine khona uRiveiro.
Ngenkathi elakhe iqembu libukeka lisindeka, iSundowns ibuyele emgqigqweni eyaziwa ngawo ngesikhathi ishaya AmaZulu FC ngo 2-0 ngawo uLwesibili ebusuku.
