EzintshaOrlando Pirates

ISekhukhune iyambonga u-Otladisa, kuvela isizathu

Lo mdlali oseqophelweni eliphezulu ubebolekiswe yiPirates ekuqaleni kwesizini ukuze aphinde athole umgqigqo wakhe. 

Kodwa yize ethole isikhathi esengeziwe sokudlala kwiSekhukhune futhi ebe nomthelela obonakalayo, leli qembu laseLimpopo kuthiwa linqume ukungamgcini.

Kuvela ukuthi isivumelwano sokubolekisana besinombandela wokuthi iSekhukhune ingamthenga uma ibona sengathi iyamdinga uma kuphela isikhathi sokubolekisana. 

Kodwa izindaba ezifike kwiLisenethini zithi uzobuyiselwa kwiPirates ngoba iSekhukune ayizomdinga. 

Ngokusho komthombo isizathu akukhona ukuthi uhlulekile wukwenza umsebenzi enkundleni, kodwa yimpi abe nayo walwa nomunye wabadlali eqenjini.

“Uyakukhumbula ukuhilizisana kwakhe noKeletso Makgalwa ebhentshini kwakamuva?,” kusho umthombo. 

“Yebo, yingakho engeke agcinwe. Nakuba udaba luxazululiwe futhi bekucatshangwa ukuthi luyinto encane, kubonakala sengathi bekungenjalo.

“Ngakho-ke ikilabhu inqume ukuthi ngeke ibagcine bobabili eqenjini elilodwa, futhi njengoba u-Otladisa ebolekisiwe, kufanele ahambe.” 

Kodwa okumangalisayo ngalokhu wukuthi iPirates kubikwa ukuthi inentshisekelo kuMakgalwa futhi ingase ifake isicelo sokudayiselwa yena. 

Uma lokhu kwenzeka kuzosho ukuthi laba badlali bobabili bangaphinde bahlangane kumaBhakabhaka ngesizini ezayo. 

Nokho maningi amathuba okuthi u-Otladisa aphinde abolekiswe nangesizini ezayo mhlawumbe kwelinye iqembu. 

IPirates isivele inabo abadlali abasezinhlangothini abenele eqenjini njengoba kusekhona nabanye abasha okulindeleke bajoyine maduze.

Kukhona nabakhushulelwe eqenjini elikhulu besuka enkulisa abathembisayo nokubhekwe banikwe ithuba elithe xaxa ngesizini ezayo. 

Kwabasha ababhekwe ukujoyina iPirates kukhona uSinoxolo Kwayiba osuka kwiChippa United, noKabelo Kgositsile osuka kwiBaroka FC.