EzintshaMamelodi Sundowns

IDowns inunusela iSekhukhune ngesinye isihlabani sayo

IMamelodi Sundowns kuvela ukuthi ikhuluma neSekhukhune United mayelana nokuyiboleka omunye umdlali.

Lamaqembu asevele abolekene uSipho Mbule. Manje, iSundowns ifuna ukuthumela noLebohang Maboe, ngokubika kweSABC Sport.

UMaboe, oneminyaka engu-30 ubudala, akayena umdlali odlala njalo kwiSundowns kule sizini kodwa useke wavela emidlalweni embalwa.

Lesi sinyathelo singasiza uMaboe ukuthi athole ithuba lokudlala njalo. 

ISundowns inabadlali abaningi basesiswini abasezingeni eliphezulu, okwenza umbango ube nzima.

UMaboe ujoyine iSundowns ngo-2018 esuka kwiMaritzburg United ngemuva kwesizini enhle ayebe nayo kuleli qembu eselajika igama laba yiDurban City.

KwiSundowns, udlale kakhulu njengomdlali wasesiswini, lapho umbango wezindawo unzima kakhulu khona.

Ukulimala nakho kuphinde kwaba nomthelela ongemuhle kuye, kodwa iSundowns iyamazisa njengomdlali ohlonipha umsebenzi.

ISekhukhune kuthiwa sinentshisekelo yokuthola uMaboe ukuqinisa iqembu layo ngabadllai abanamava.

Phela leli qembu lihlose ukuthola indawo yokubuyela emidlalweni yeCaf ngesizini ezayo.

UMaboe usadlale imidlalo engu-10 kuphela kule sizini, futhi eminingi kuyo ubengena esuka ebhentshini.