EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

IChiefs yamyeka inethuba ‘lokumcosha phansi’ u-Appollis

Phela lo mdlali wasesiswini weBafana Bafana ubehalelwa yiChiefs isikhashana ngaphambi kokuthi aphelele ezimbangini zayo. 

Eqinisweni nje, iChiefs yaba nethuba kuqala lokusayina lo mdlali — kodwa yaliyeka yize yayizomcosha phansi ngaleso sikhathi.

Bekungu-2022, ngemuva kwesizini eyodwa kwiPretoria Callies ngesikhathi igama lika-Appollis lifika etafuleni labaphathi eNaturena. 

IChiefs yanikwa ithuba lokumsayinisa lomdlali. Kodwa ngemuva kokucubungula, yanquma ukuliyeka leli thuba.

ICallies yayikade imthathe eselidubile ibhola, wafike wakhombisa ikhono elimangalisayo.

Ayizange ibe nomona ngoba yambona efanelwe ukudlulela esigabeni esiphezulu sebhola lakuleli. 

Ngaleso sikhathi kuthiwa yayizimisele ukuthatha u-R1.5 million ngaye. Kodwa iChiefs yabonga.

Kwabe sekuqhamuka iPolokwane City yavele ayangananaza, yamthatha lo mdlali. 

Umphathi weqembu uJohnny Mogaladi wasebenzisa ubudlelwano bakhe nozakwabo weCallies Moses Malada ukuqeda konke ngokushesha. 

Okulandela lapho ke sekungumlando owaziwa cishe yiwo wone umuntu othanda ibhola.

Kumasizini amabili nje kuphela, u-Appollis uvele wavelela ngendlela emangalisayo kwiPolokwane City. 

Inani lakhe lenyuka kakhulu, futhi waba ngomunye wabadlali abagqamile kwiBafana Bafana.

IChiefs ibe seyibuya isiyomfuna kwiPolokwane ngesizini edlule, kulokhu isizimisele ngokukhipha imali ecela ku-R10 million. 

Kodwa kwase kwephuze kakhulu. IPolokwane yavele yayichitha, yathi ngeke isidedele kalula kanjalo lesi sihabani sayo.

Namuhla inani lika-Appollis lilinganiselwa ku-R20 million. Indlela abenza kahle ngayo ukhange nezinkunzu zase-Algeria iMC Alger.

Nokho nazo zehluleka ukumthola lo mdlali yize kwase kubikwe ukuthi seziqede konke neCity.

Kwavela ukuthi uMogaladi wavele wanyamalala sekumele asayine incwadi yokugcina egunyaza ukudayiselana. 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ubuyele ejimini yePolokwane ngoJuni 23 — nokho ubesazi ukuthi uyovalelisa nje kozakwabo.

Izingxoxo nePirates ziqale ngoDisemba. NgoJulayi 1, isivumelwano saphothulwa ngokusemthethweni.

U-Appollis manje useyiBhakabhaka. IChiefs isala izibuza ukuthi ngabe yona yoneni ngokuncishwa lo mdlali.

Kodwa ke manje sekuvelile ukuthi yake yanikwa ithuba lokumsayina, kodwa yalenqaba.