
IBucs izoshiya izimbangi zincela izithupha isayina ababili
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi ithole abadlali ababili abashisa izikhotha ebholeni lakuleli njengamanje.
Lezi zinkunzi zaseSoweto sezinesikhathi eside zibheke laba bobabili, kanti sekuvele ukuthi seyike yabuza ngabo eqenjini labo.
Futhi sekuvela ukuthi ifake isicelo sokudayisela, kanti semukelwe futhi kungenzeka ukuthi laba ababili babajoyine iBucs ngewindi lokudayiselala ngabadlali likaJanuwari.
Abadlali ababili bePolokwane City, o-Oswin Appollis noThabang Matuludi kulindeleke ukuthi baqedele izivumelwano zabo nePirates ngaphambi kokuphela kwaleli sonto, ngokusho kwe-Unplayable ZA.
Bobabili laba badlali bangabanye bababatshazwayo ebholeni lakuleli njengamanje, kanti u-Appolis yena wenza izimanga naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Ukudlala kwakhe kwiBafana kudonse amehlo ezikhondlakhondla zase-Algeria iMC Alger ebezisha amashushu ngokumsayina ngoJulayi.
Isivumelwano sabhidlika ekugcineni lapho usihlalo wePolokwane, uJohnny Mogaladi engasatholakali ukuthi asayine isivumelwano.
IChiefs nayo ibimthanda u-Appolis futhi yafaka isicelo kodwa iCity yasibona sisincane kakhulu, yabe seyinqaba.
ISundowns nayo ikhombise ukubathakasela bobabili laba badlali, kodwa akucaci noma yasifaka yini isicelo ezisemthethweni sokudayiselwa.
